UQOKWE engakakhiphi ngisho i-albhamu umculi wokholo osemncane, ozoqopha uma eqeda izivivinyo zokuphela konyaka esikoleni.
U-Amahle Mazibuko (13) waKwaNgcolosi kodwa ozinze eMlaza, nofunda uGrade 8 eMowat Park eMontclair, uzobanga izindondo ezinkulu nabaculi abadala kunaye ngengoma yakhe edla ubhedu ethi, Likhona Ithemba.
Lo mculi ungomunye wabaqokele izindondo, Ingoma Awards 2020 ngengoma ethi Likhona Ithemba.
U-Amahle ophethwe nguPhezani Gwala wesitebele somculo Impilo Productions uqokelwe iBest Newcomer, Song of the year neBest single. Kuyona yonke leminxa uqokwe ngengoma eyodwa.
UGwala ozinze eGermany, utshele iphephandaba ukuthi u-Amahle yize esemncane kodwa ungumculi onesiphiwo futhi uyabonakala ukuthi uyakude nomculo.
UGwala uthe ukuqokwa kwakhe kuwubufakazi bokuthi emncintiswaneni abephuma kuyo phambili okubalwa iGospel Icon Discoveryngo-2017, neKZN Got Talent kwamkhulisa.
“Unina udlala indima enkulu ekukhuthazeni indodakazi yakhe ngekhono enalo. Siqale ukusebenza naye esevele unina emfaka emncintiswaneni emningi futhi ephumelela.
“Nalezi zingoma anazo, indlela ezenza kahle ngayo kuyakhombisa ukuthi ikhono likhulu nathi sifisa ukumcathulisa singamjahi ngodumo. Kube yisikole phambili bese umculo awenze uma engekho matasa ngomsebenzi wesikole,” kusho uGwala. Uveze ukuthi kunabaculi ababe nesandla ekuhlanganiseni izingoma zika-Amahle, uLindani Gumede nguyena opheke ethi Likhona Ithemba.
UMxolisi Mbali wahlanganisa ethi Ngiyakuthanda, nayo ikhombisa ukwenza kahle ezinkundleni zomculo.
Zonke lezingoma zika-Amahle ziyatholakala kwi-internet uma downloads kanti nevideo yengoma eqokiwe ikhona kuYoutube neziteshi zethelevishini ziyayidlala kanjalo nemisakazo.
Kulindeleke ukuthi ngonyaka ozayo u-Amahle akhiphe i-albhamu yokuqala ngqa.
UGwala uthe ucela abantu baqhubeke nokumeseka ngoba kukhulu asazobabusisa ngakho emculweni.