UPHROJUSA womculo iGqom ne-House uFunky QLA usedalule ukuthi ukwenza ama-camp, lapho yena nozakwabo emculweni behlangana endaweni eyodwa ukwenza umculo, into ayibona imsebenzela eyenza athandelwe umculo wonke awukhiphayo.
Usho njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto, lapho eveze khona ukuthi izingoma zakhe eziningi aziwa ngazo ebantwini, zenziwa ehlangene namaciko amaningi kuma-camp.
“U-2024 kube wunyaka omuhle kakhulu kimina njengoba ngibe nengoma enkulu nebingaconsi phansi ebantwini ethi AmaGear, engezinye zezingoma ezakhiqizwa kuma-studio camp omculo esiwenzayo. Kukho lokho kuhlangana kwethu kanjalo, siqopha umculo omnandi, sakwazi futhi ukwenza ingoma kaGoldmax, ethi iFomo, nayo ekwezifike kwezwakala. Kanjalo ne-Plan kaDlala Thukzin yaphuma kwenye yama-camp ethu. Konke lokho kufakazela ukuthi uma sihlangene ndawonye singamaciko, sisebenzisana kuphuma umkhiqizo omuhle kakhulu,” usho kanje.
Eqhuba, uthe enye into emsebenzelayo emculweni wakhe, wukuthi ulalela umculo kakhulu, okwenza akwazi ukubona igebe elikhona emculweni, bese eqhamuka nento ehlukile nengaziwa.
“Uma ulalela umculo wami noma engibe nesandla kuwona, uyezwa ukuthi nakuba ngaziwa ngezingoma ezinesigqi seGqom, kepha ngiyakwazi nokufaka izinsimbi zama-piano, ukwenza kuhambisane nesikhathi esikusona manje,” kusho uFunky QLA.
Uthe kumanje usuqalile umshikashika wokudidiyela umculo ahlela ukuqhubeka ajabulise abalandeli bomculo wakhe ngawo maphakathi nasekupheleni konyaka njengenhlalayenza.
“Enye yezinto leyo engikhuthaza nabanye abeza ngemva kwami ukuba bayenze, ukuthi bangapheli moya kwabakwenzayo. Abazinikele emsebenzini wabo wobuciko, futhi banganqeni ukufunda izinto ezintsha nokucobelela ulwazi kwabangaphambili,” usho kanje.
UFunky QLA udabuka eMlaza esigcemeni sakwa-Q, eningizimu yeTheku. Igama lakhe lokuzalwa wuSiphamandla Ngema. Wenze umculo omningi; kubalwa ama-albhamu amahlanu i-Automic Gqom ngo-2017, Summer Banger ayishaya noDlala Thukzin ngo-2020, Dark Or Durban Volume 1 ngo-2023, 031 Studio Camp noDlala Thukzin neDark or Durban Volume 2 womabili nyakenye.