YIZE umculi waseGreytown, KwaZulu-Natal, uMbali Zuke, engaziwa kangako eNingizimu Afrika kodwa eBotswana ushisa izikhotha ngonqambothi lwengoma esihloko sithi Imnandi Lento.
Okwenza leli noni lingaconsi phansi eBotswana ukuthi uMbali (31) ucula kulo ngokuhlanganyela nenkakha yakhona, uCharma Gal wodumo kwiCulture Speares. Echaza ngale ngoma, uMbali uthe bayenze ngenhloso yokuxwayisa abantu.
"Sithi akufanele uvumele abantu bakuphazamise ekwenzeni into oyithandayo.“ UMbali ubonge kakhulu ingwazi yomculo kamaskandi, Ihhashi Elimhlophe nomkalo, u-Ebony Ngcobo ngokumcija nangokumpheka emculweni ukuze afike kuleli zinga asekulo.
Ngo-2016 uMbali neHhashi Elimhlophe baqopha ingoma ethi Ukweduka Kwami.
"Njengamanje ngilungiselela ukukhipha i-albhamu yami ngihamba ngedwa. Leli cwecwe ngihlose ngalo ukuba lingethule e-Afrika namaphethelo ukuze ngithinte izinhliziyo zabantu bakulelizwekazi ngomculo wami."
UMbali usanda kukhipha i-EP enezingoma ezintathu, okukhona ethi Ngiyidelakufa, Nguwe nethi Ngaba Nenhlanhla.
"Le ngoma ethi Ngiyidelakufa idlalwa kakhulu eziteshini zomphakathi nasemisakazweni engaphansi kuka-SABC."
Emicimbini aseke wanandisa kuyo kubalwa iKgoshi Mampuru Celebration, Ihhashi Elimhlophe DVD Recording, DJ Ngwazi Birthday Celebration, University of Botswana InterVarsity Shutdown, Botswana TV City Lights, Miss Hillary Best of Both Words, 2nd Miss Curvylicious SA neminye.
UMbali uqale ukuzakhela ugazi ngakubo ngokucula emasontweni nasezikoleni eseneminyaka emihlanu. Ubuye waphelezela abanye abaculi abadumile ngephimbo lakhe elimtoti. Akagxilile emculweni kuphela kodwa nasemfundweni uyibambile njengoba egabe ngeziqu zeBCom in Accounting.