UBONGA uPrince Kaybee ngokumvulela iminyango umculi osabheke ukudlondlobala uThembisile “Thembisile Q” Qwabe.
UThembisile Q owaqala ecula i-house ngaphambi kokushintshela kwi-Afrosoul asekuyo manje uthe wangenela umncintiswano kaPrince Kaybee ayewufake ezinkundleni zokuxhumana.
“Kwakuwu-2020 wafaka kwiTwitter (X) ukuthi ufuna abaculi. Nami ngathumela i-video ngayithumela. Wangithatha saqopha naye ingoma ethi Indoda ekwi-albhamu yakhe iProject Hope,” kusho uThembisile Q.
Uthe lokho kwamsiza kakhulu kwamenza waziwa kwamnika namava ngoba kwakungokokuqala eqopha e-studio. Phambilini uthe wayeziculela esikoleni kodwa hhayi njengomculi okhokhelwayo.
Uthe kusuka lapho akabhekanga emuva ngoba wenze izingoma okubalwa kuzo iSikhalela Kuwe neNativeHouse SA.
Nokho uhambe washintsha wangena kwi-Afro Soul.
“Ngibona sengathi iyona engisebenzela okudlula i-house. Ngagqugquzelwa wuZahara ngoba siphuma esifundazweni esisodwa naye futhi abanye baze bathi ngicula njengaye. Lokho kwenza ngiziqhenye ngoba kusho ukuthi engikwenzayo abantu bayakuzwa futhi kuyasebenza.”
Njengamanje uThembisile Q umatasa uphusha ingoma yakhe entsha ethi Ithemba.
“Ingoma ikhuluma ngokuthi noma kwenzekani uThixo ukhona kumele sihlale sibheke Kuye uma sinezinkinga.”
Uthe ukhona nomunye umculo awuphekayo ozophuma maduze.