INGWAZI yomculo kamaskandi, Ihhashi Elimhlophe, lethule ngokusemthethweni uhlelo lwayo lokuvumbulula abaculi abasafufusa olubizwa ngeHhashi Movement, eWorld of Yamaha, eSandton, eGoli namhlanje. Ihhashi Elimhlophe lithe inhlosongqangi yalo ukunikeza omaskandi abasafufusa amathuba elingawatholanga lisakhula. Kulo mcimbi lo mculi ubuye waveza abaculi abavumbulule e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal ngenhloso yokuqhakambisa amakhono abo emhlabeni jikelele. NeHhashi Elomhlophe ligabavule esteji kwachazeka wonke umuntu kangangoba lize lahlonishwa ngokuthi izithameli zisukume (standing ovation). Lidlale ingoma ethi Amawazawaza nethi Tshitshi Lami.
Emuva kokunandisa babe sebenikezwa izigingci ezixhaswe yiWorld of Yamaha, umculi ngamunye. UBongani Shabalala (24) waseMfekayi, eMtubatuba, ube yena esehlabana ngesigingci esibiza uR15 000 emuva kokuvotelwa yizithameli ngenxa yobuchule nobuciko abukhombise esteji. AbakwaYamaha babuye bahlonipha Ihhashi Elimhlophe ngesinye isigingci esisungulelwe lona. Izibongela lengqabutho edabuka esigodini sasoBuka, eMpangeni, ithe iswele amazwi okubonga kubaxhasi balo mcimbi, okuyiBidvest neYamaha.
Ithe ubudlelwano bayo nabakwaYamaha sebuneminyaka babakhona.
Ihhashi Elimhlophe lithe baqala ngesikhathi isigingci sakhe sidlula nebhanoyi elaliya eCanada.
"Ngabe sengidlala ngesokubolekwa kodwa kwafumaniseka ukuthi siqinile. Ngabe sengithenga esinye. Bangibona abakwaYamaha ezinkundleni zokuxhumana babe sebengibiza. Ngaya noMasondo (Victor), banginikeza esinye." Uthe yonke leminyaka ebalelwa ku-18 bebelokhu bemgixabeza ngesigingci. UJackie Khumalo waseBidvest, obemele isikhulu saleli bhange, uMpumi Modise, ubonge kakhulu umndeni kaHhashi ngokuxhumana nabo ukuze basebenzisane.
"Siyakuthanda ukugubha ikhono labantu abasha. Sisazobambisana naseminyakeni ezayo," kuphetha uJackie.
UClinton wakwaYamaha uthe bamangaliswe yikhono nokuzimisela kukaHhashi emculweni.
"Ngaqala ukwazi ngomculo kaHhashi ngisewumfana omncane. Siyaziqhenya kakhulu ngokusebenzisana nalo." Ezinye izipho ezinikezwe Ihhashi kubalwa i-mixer, izipikha nezinye izinsimbi zomculo. UmkaHhashi, u-Ebony Ngcobo, ubonge kakhulu ukwesekwa yiBidvest neYamaha futhi wabuye wabonga uDkt Musa Zulu nomkakhe, uThuli beMaz Herbal Products ngeqhaza abalibamba ekusungulweni kwalo mbono obizwa ngeHhashi Movement. Ube esenxusa imithombo yezindaba ukuba iyeseke iHhashi Movement ngoba bahlose ngayo ukususa intsha emigwaqweni nokuguqula impilo yayo. Izithameli zibe sezizibophezelela ngemali ebalelwa kuR70000, amateki azonikezwa abaculi namabhakede awu-20 anezibiliboco noncamnce bakaKhisisimusi, okuzonikezwa abaculi abangaphansi kweHhashi Movement. Uhlelo beluphethwe ngamadodakazi eHhashi, uNtombee Mzolo owethula iLekunutu kwiMoja Love noVusiwe Ngcobo owethula ezemidlalo kwiSABC Sports. Lo mcimbi uzokhonjiswa kuSABC, Moja Love nakwi-1KZN TV.