AMACIKO aKwaZulu-Natal asethubeni lokuhlomula ngoR100 000 emiklomelweni emisha ethulwe izolo eThekwini, ebizwa ngokuthi, iKwaZulu-Natal Entertainment Awards (KZNEA).
Ama-KZNEA ahlelwa yinkampani, iSongs on the Charts ethulwe kwabezindaba eWarehouse.
USifiso Kalinjani obemele inkampani, udalule ukuthi kuyona yonke iminxa abanqobayo bazothola uR100 000 kuthi ozodla umklomelo omkhulu weKZN Darling, azuze uR500 000.
Phakathi kweminxa ekhona kubalwa eyomsakazi wesifazane nowesilisa abavelele, umlingisi ovelele, usomahlaya, inkampani evelele neminye.
Ikhona neyokuhlonipha nokugqamisa isifundazwe ngoba imiklomelo isungulelwe amaciko aKwaZulu-Natal kuphela.
“I-KZN inothe ngethalente kodwa angiwukhumbuli umculo lapho kuhlonishwa abantu bethu bodwa. Kumele sibahloniphe ngaphambi kokuthi babajabulele kwezinye izindawo ngoba bagqamisa isifundazwe,” kusho uKalinjani.
Esithangamini nabezindaba uhlelo beluphethwe nguSomizi Mhlongo. Bekukhona iLadysmith Black Mambazo, kwacula uZandie Khumalo noLindani Gumede.
UDJ Black Coffee, DJ Tira noSjava batuse ukuba khona kwale miklomelo bathi bayayeseka.
UBlack Coffee uthe esinye sezizathu esenza wathuthela eGoli yingoba amathuba ayengekho kuleli dolobha ngakho unethemba lokuthi ukuba khona kwale miklomelo kuzovulela nabanye amathuba.
Ikhansela loMkhandlu weTheku uThanduxolo Sabelo, lithe kuliphatha kabi ukungaliboni igama lalo masipala kubaxhasi.
“Akuzwakali kahle ukuthi kungani umasipala ungayiseki imiklomelo. Ngiyazi ukuthi uBlack Coffe noSomgaga abaseThekwini. Laba ngabantu abadume umhlaba wonke. Ngizoya esigungwini esilawula umkhandlu senze isiqiniseko sokuthi siyasibheka isicelo soxhaso walo mcimbi.
Ngeke ungitshele ukuthi ungathi ufuna ukuhlonipha abantu abakhulu njengeMambazo kodwa ungaxhasi.”
AmaKZNEA kulindeleke ukuthi abe seDurban ICC ngoDisemba 15.
Imininingwane yokungenela neminye izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi.