UMSUNGULI weKwenze Kwenzeke Podcast, uLindokuhle Khumalo, uveze ukuthi ngo-mhlaka 10 Septhemba bazobonga amagalelo kaSipho ‘Thwalofu’ Khoza kwezomculo ngesamba sika R10 000.
ULindokuhle uthe ngalomnikelo bahlose ukugubha inyanga yamagugu kanye nesihlabani somculi kaMaskandi uThwalofu.
“Leli yiphupho likaLindokuhle Khumalo nethimba leKwenze Kwenzeke Podcast ukuthi sibuyele ekhaya kwaKhoza siyobonga imisebenzi asenzele yona emculweni kaMaskandi. Siyomnika isipho semali engangoR10 000 ngoba sifuna ukubungaza inyanga yamagugu kanye naye, ukuze azizwe emukelekile,” kusho uLindokuhle.
Eqhuba uLindokuhle, uthe lesi isenzo sobuntu nokuhlonipha amagalelo uThwalofu asewenzile emculwenii.
“Uma uthatha ukubheka uThwalofu nguyena yedwa umculi osaphila owayecula ngezikhathi zoPhuzushukela. Bathatha uMasakandi bawubeka kwelinye izinga yingakho kubalulekile ukuthi sibonge konke asenzela khona, sizoya kwaKhoza ngomhlaka 10 Septhemba sifike nomnikela ka R10 000,”kusho uLindokuhle.
Kuthintwa uThwalofu ubonge wanconcoza wathi kuyamjabulisa ukuthi kukhona abantu ababona amagalelo akhe endimeni kaMaskandi.
“Ngiyajabula kakhulu, lento lomfana athe uzongenzela yona inkulu kakhulu kimi, kuyangithokozisa lokhu akwenzayo. Emculweni sengathatha ikhefu yize kuyinto engisayithanda namanje,” kusho uThwalofu.