"KUNZIMA ukuqonda ukuthi iTheku, okuyidolobha abelithanda, yilona dolobha elithathe impilo yakhe," usho kanje umrepha uJR ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaKiernan "AKA" Jarryd Forbes eSandton Convention Centre, eGoli ngoLwesihlanu.
Le nkonzo beyigcwele umunyu nezinyembezi ebezilokhu zigobhoze njalo, ikakhulu kuyise ka-AKA, uTony Forbes nendodakazi yakhe, uKairo Owethu Forbes (7). Kuhluleke ngisho uDJ Zinhle emduduza uKairo kodwa izinyembezi bezehla zilandelana ikakhulukazi uma ezwa izikhulumi.
Abalandeli, abangani, izihlobo nozakwabo baka-AKA, badele imvula bazobhonga emswanini. Iningi lezihambeli beligqoke izikibha ezimnyama ezinesithombe esinalo mrepha. Nakuba inkonzo yesikhumbuzo bekufanele iqale ngo-3 ntambama kodwa ize yaqala sekugamenxe ihora lesine. Kusukume wonke umuntu sekungena umndeni obekukhona kuwo nentombi kamufi, uNadia Nakal noDJ Zinhle, obedonsa indodakazi yabo, uKairo. UNadia uke wagona uKairo imizuzwana.
Uhlelo lwesikhumbuzo beluphethwe umrepha uNomuzi "Moozle" Mabena, kanti izwi beliphethwe ngumculi wekwaito, uKabelo Mabalane wodumo kwiTKZee. Abanye abakhulumile ngoYanga Chief namalungu amaqembu aqala kuwo okuyi-Ivy League, Entity, DJ Tira, DJ Oskido nabanye. UTira uthe uhulumeni nomphakathi waseNingizimu Afrika kufanele benze okuthize ukuqeda ubugebengu kuleli ngoba kubuhlungu ukufa komuntu emgwaqweni omatasatasa njengoFlorida. U-Oskido uncome kakhulu u-AKA ngokunakekela indodakazi yakhe. Unxuse uZinhle nomyeni wakhe ukuba bazi ukuthi sebenamadodakazi amabili, okufanele bawakhululise. Unina ka-AKA unxuse uZinhle noNadia ukuba bangakunaki okushiwo ngabantu ngabo ezinkundleni zokuxhumana ngoba akubalulekile kubo. Wanxusa abalandeli baka-AKA (Megacy) ukuba babambane.
Ezithamelini bekukhona uNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli, uNkk Lindiwe Sisulu, unobhala we-ANC eGauteng uThembinkosi Nciza, umsakazi we947 uThando Thabethe, umsakazi weYFM uSizwe Dhlomo,umfelokazi kaHHP uLerato Sengadi, uSizwe Mpofu-Welsh nabanye.
U-AKA ushiye abalandeli bakhe nomucu ophume ngoLwesihlanu othi Company ne-albhamu ezophuma ngoFebhuwari 25 ethi Mass Country.