BAZIFAKE obishini abamaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards bewinisa iqembu lesicathamiya emunxeni ebelingaqokiwe kuwo. Iqembu laseNdwedwe, iNombika Black Boys, liqumbe phansi izinkakha zomculo wombhaqanga, Ababekezeli noTrevor TMV emunxeni iBest Mbhaqanga emcimbini obuseMbombela Stadium, eMpumalanga ngoMgqibelo.
INombika beyiqokwe koweBest Traditional Acappella lapho iqumbe phansi iNkululeko ne-Afrika Mamas, okuyiqembu labesifazane eseliwuzungezile umhlaba futhi ihlabana ngemiklomelo emiqhudelwaneni emikhulu. Lezi zindondo zilandwe ziphindelelwa yizintokazi ezithe zimele leli qembu njengoba belingekho lona.
Ukuhlulwa kwaBabekezeli kuthukuthelise umholi waleli qembu, uMthokozisi Zwane, njengoba elibeke ngembaba elokuthi ngeke baphinde bawangenele amaSatma.
"Angisiboni isidingo (sokuphinde ngingenele amaSatma). Kungcono ukube besivele sibanga naso isicathamiya, bengizokwamukela ukwahlulwa, manje leli qembu elakoNdwedwe, ngakubo komsunguli walama Satma ngisola umkhonyovu la," kusho uZakwe ogubha iminyaka ewu-20 asungula leli qembu. Eqhuba uZakwe ubuye wasola abamaSatma ngokuba netiye.
"Nala bantu abaphiwa izindondo abekho kwakhona la, izindondo zimukelwa izintokazi zoGoba. Hheyi iyabanjwa manje inkunzi kule nto."
Uthe watshelwa ezimpempeni ukuthi uma engezi bese ewina emcimbini. "Ngeke lowo klomelo ngiwuthole, umthetho wamaSatma usho njalo," kuphetha uZakwe obethukuthele ebhodla umlilo.
Uzakwabo kaZakwe, uMdabu Ngqulunga, uthe ibuhlungu le nto eyenzeke kuBabekezeli.
"Enye yezinto ezidinga ukubhikishelwa. Bagange ngathi kakhulu. Akukhona nokusibukela phansi kodwa bayasidelela. Ngokwami nje bengingaphakamisa ukuthi siye khona emahhovisi amaSatma, siyobanga khona umsindo kusashisa nje," kusho uMdabu.
Nomholi wabalandeli bombhaqanga, uSipho Phoswa, uthe lokhu sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba emiqhudelwaneni yezindondo.
"Abaqali ukuyenza le nto emkhakheni wombhaqanga. Ngomunye unyaka kwawina uBhekumuzi Luthuli, equmba phansi iSoul Brothers. Namanje iqembu lesicathamiya lifakwa ngaphansi kohla lombhaqanga, bakhombisa ukungaluhloniphi uhlobo lomculo wethu," kubhoka uSipho.
Okhulumela amaSATMA uKeletso Dlamini uthe akakwazi ukuphawula ngoba ubengekho emcimbini ngesikhathi kwenzeka ubuhixihixi.