USONKONDLO wakuleli, uNtsiki Mazwai, uthi azimdikizisi ngisho inqulu izinsongo zikaNgqongqoshe woMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, uMnuz Gayton McKenzie.
UNtsiki, owaduma kakhulu ngokupikwa nguDJ Fresh engomeni ethi Urongo (Definition of House Two), ubephendula uMcKenzie emuva kokuba emsabise ngokumfaka enkantolo ngoba uNtsiki emsole ngokukhohlakala nokuba netiye.
UNtsiki ucikwe ukungaveli kwegama lakhe ohlwini lwabalobi abawu-15 bezincwadi abamele iNingizimu Afrika emkhosini wababhali bamazwe ngamazwe oqhubeka kuleli sonto, i-Havana International Book Fair, eCuba.
UNtsiki uthe wayemenyiwe kulo mcimbi kodwa washaywa ngesithende nguMcKenzie, kunalokho wafaka obhululu bakhe, okubalwa kubo u-Unathi Nkayi.
UNtsiki ukhale kakhulu ngokubandakanywa kuka-Unathi kulolu hambo ngoba akasiye umbhali nosonkondlo. Eqhuba, uNtsiki ubuye wasola ongqongqoshe boMnyango wezobuCiko ngokubhabhabala nosaziwayo bese bebagixaveza ngemicimbi yalo mnyango.
"Omunye waze wathengela intokazi amabele. Sonke sathula. Ngikhathele ukusebenza kanzima kodwa umnyango unakane nosaziwayo abadiza ngezinqa kungqongqoshe. Ngikhathele!"
Le nkulumo imcasule kakhulu uMcKenzie waze wasabisa uNtsiki ngokumsasazela ngamaphoyisa.
UMcKenzie uthe uNtsiki wenze izinsolo ezibucayi ezingamampunge nezimhlambalazayo.
"Ngizokufaka enkantolo. Uyothola ithuba elihle lokuvezela inkantolo bonke ubufakazi bakhe. Sewuthinte abangathintwa-ke kulokhu. Ngiyacela uqale ngokunameka isimemo sakho saseCuba."
Kunokuba uNtsiki ehlele ngezansi, uvele wagqagqamuka kakhulu, wathi uMcKenzie usho entshweni.
"Ngithumelele i-email yakho ukuze ngikuthumelele ebesikudingida nabagqugquzeli. Ngiyabonga. Gayton angikuqambelanga amanga. Manje sewuzama ukungisabisa ukuze ngithule. Ngithumele ikheli lakho le-email, ngikujabulela kabi ukukuthumelela esasikuxoxa nabagqugquzeli," kuqholosha uNtsiki.
No-Unathi akafunanga ukulaliswa phansi uNtsiki engandlalelwe. Uthe akukhona okokuqala uNtsiki embheca ngobende ekubeni inyama engayithanga mbibi.
"Ngaqala ukwazana nalo muntu wesifazane ngo-2002 ngesikhathi ethole inombolo yami yocingo ezinsukwini ezimbili emuva kokuba kade ngiphathe uhlelo lwamaSAMA. Wangisola ngokugqoka izingubo ezifana nezisikwe nguye. Ngaleso sikhathi ngangiswenkiswe yiSungoddess Afrolux futhi angisiye umsiki wengqephu. Emuva kweminyaka ewu-23, usanyukubele namanje," kugadla u-Unathi.