ABAFUNDI basemabangeni aphansi naphezulu bazoqhudelana ngemidanso ehlukahlukene kwiSuperspar Schools' Dance Competition eMlazi Mega City ngoMgqibelo kusukela ngo-10 ekuseni. Okhulumela umqhudelwano, u-Archie Selemela, uthe umncintiswano wenziwe ngokubambisana kweNtokozo FM, Umlazi Mega City neMohaung Children’s Centre. Uthe inhlosongqangi ukuqhakambisa ikhono lokudansa kubafundi.
"Sibeke umklomelo kaR10 000 ngenhloso yokubagqugquzela ukuze balihloniphe ikhono labo bagcine sebephila ngalo. Sithathe isinqumo sokwenzela lo mncintiswano enxanxatheleni yezitolo ukuze wonke umuntu abone ikhono eliyisimangaliso."
Uthe uR10 000 uyisiteki esizocazwa ukuze umdansi ophume phambili amuke nesamba sikaR5000, owesibili ahlomule ngoR3000 bese kuthi owesithathu aklonyeliswe ngoR2000. Uthe lo mncintiswano ufana nokunikela kweMlazi Superspar ezikoleni zendawo njengoba kuyizo ezithenga khona kakhulu. Kule ndumezulu yomncintiswano kuzobe kujaja uSgaqa waMadada ase-Afro, uMs Mamellow wodumo lwengoma kaDJ Tira ethi Sikilidi, umlingisi woZalo, u-Akhile Mbonambi nomsakazi weNtokozo FM, uDlalamatifana. Abazobe bephethe uhlelo wumsakazi weNtokozo FM, uSihle noThembani waseSpar.
*Kunxuswe abafuna ukuthola imininingwane ethe xaxa ukuba bathinte u-Archie ku-0845273061.