ABACULI bakamaskandi abasafufusa bahlabane ngengqayizivele yethuba lokuqopha enkampanini ehlonishwayo kuleli, iTakk Studio, eGoli emuva kokudla umhlanganiso kwi-150 Maskandi Festival ebiseSettlers’ Park Stadium, eMnambithi muva.
Abaculi baseMnambithi abaklonyeliswe ngezivumelwano zokuqopha nguNkosikhona Mbuyisa waseMcitsheni, uFisokuhle “Ntwentsha” Motaung/Mndaweni waseBaldaskraal noNkosinathi “Stress” Sithole waseMawukwini.
Lezi zinsizwa ziklonyeliswe emcimbini obuseSeven Pub and Butchery, eSteadville, eMnambithi ngeSonto. Umgqugquzeli we-150 Maskandi Festival, uSihle Cindi, uthe laba baculi bazoqopha imicu ngaphansi kwesandla sikanjiniyela onamava, uThuthani Ndlovu eTakk Studio (kwaJan).
UThuthani wunjiniyela osebenze namaqhawe amaningi emculweni kamaskandi, okubalwa uMgqumeni Khumalo, Mjik’jelwa, Khuzani, Igcokama Elisha, Osaziwayo, Abafana BakaMgqumeni nabanye abaningi.
UCindi uthe laba baculi bawine ngokutheleka nezinkumbi zabalandeli kwi-150 Maskandi Festival ebikulo nyaka. UMbuyisa uthe ujabule ngaleli thuba njengoba esemusha endimeni.
“Ngingene emculweni ngoMeyi kulo nyaka. Indlela yami ngiyibona ikhanya kakhulu ngoba senginabalandeli, Ezingenankinga. Siswenka ngombala oluhlaza nomhlophe,” kusho uMbuyisa.
UNtwentsha uthe umklomelo umkhuthazile ngoba usezibona esephakathi ezinkunzini.
Emcimbini kubuye kwaklonyeliswa abalandeli ngesamba sika-R2 500 futhi kwanikelelwa ngegilosa imindeni emithathu eswele, ukuze ibe noKhisimusi omnandi.
UCindi uthe bathathe isinqumo sokubuyisela emphakathini ngenzuzo abayenzile nge-150 Maskandi Festival. Ngokokuqala ngqa emculweni kamaskandi ukuba khona komcimbi obuyisela emphakathini.
Esephetha unxuse abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo ngonyaka ozayo ngoba kuningi okuhle ababahlelele khona kulo mcimbi.