BAGEZEKE ubebebe abathandi bobumnandi abebehambele umcimbi weSolezwe, obuse-Adams eMaqaqa Exclusive Lifestyle ngoMgqibelo.
Kutheleke iningi labantu kanti umcimbi ubugabe ngosaziwayo nabaculi abangaconsi phansi kwezikaqedisizungu. Abaculi abebebhekwe kakhulu bekunguProffessor obegubha usuku lwakhe lokuzalwa, uDJ Mngadi obethula ingoma entsha noBig Zulu onandise kwachwaza iningi.
Basine bededelana oDJ abashisa izikhotha kulezi zinsuku bejabulisa abantu, phakathi kwabo kubalwa uWonder, Oros, DJ Nzwiri, Menzi The Drum, DJ Phumuza, DJ Tx, DJ Ma CDJS nabanye abaningi
UNksz Noluthando Ngubane, wophiko lwezokukhangisa kwiSolezwe, uthe inhloso yomcimbi bekungukuhlanganyela nabafundi bephephandaba kwazise ukuthi sekunesikhathi eside sagcina ukuba ndawonye nabo ngenxa yemibandela yeCovid-19.
“Sihlele ukuthi sihambele izindawo ezihlukene esizaziyo ukuthi zinabafundi bethu. Lolu bekuwuhambo lwethu lokuqala, kanti ziningi ezinye izindawo esisazozihambela. Siphathela nabafundi izipho njengendlela yokubabonga ngokuseseka kwabo kulesi sikhathi esinzima esibhekene nezwe,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe kuzomenyezelwa maduze ukuthi lizolibasa ngakuphi Isolezwe ngokulandelayo, wathembisa ukuthi bazozama ukufinyelela kuzona zonke izindawo.
Baningi abanye osaziwayo abebekhona kulo mcimbi kanti neSelimathunzi ibikhona izoqopha obekwenzeka. Abezokuphepha benze umsebenzi oncomekayo beqinisekisa ukuthi imigomo yeCovid-19 iyalandelwa nokuvikela abaculi, abantu abebefuna ukuzithintela mathupha kubona.