KUBUKEKA kuqala phansi ukungazwani phakathi kwezinkakha zabaculi bakamaskandi, uKhangelani “ DSD” Mhlongo neGcokama Elisha.
Lokhu kugqame engomeni kaDSD ethi: Ayiyazi Lengoma ekwi-albhamu yakhe entsha, Imisebenzi kaShenge.
U-DSD ukhwela uyadilika kwiGcokama Elisha, uthi kumele ligxile enkezweni liyeke ingoma ngoba aliyazi.
Eminyakeni edlule kuke kwabikwa ukuthi uDSD waxabana neGcokama baze babambana ngezandla besemhlanganweni woMpheme owawusungulwe nguMenziwa Biyela ongasekho emhlabeni, okwakuhloswe ngawo ukuthi omaskanda babumbane bangaxhashazwa ngabahleli bemicimbi.
Impi eyasuka phakathi kwabo yakhuzwa, kwabukeka sengathi sebethelelene amanzi.
Muva nje uDSD ukhwele wadilika kwiGcokama Elisha elingcofa ngokungayazi ingoma.
Ebuzwa uDSD, uvumile ukuthi ingoma wubeyibhekise kulona iGcokama Elisha.
“Yilona Igcokama Elisha elingisukelile. Kunengoma yalo elisanda kuyikhipha, lapho lizibongela lase lidelela mina. Kuyona lithi: Ngizokuqeda kancane kancane kuhle kwamashethi eNjomane. Lokhu ngikubone likubhekise kimina ngoba yimina obizwa ngeNjomane. Bengingaqondile ukulisukela kodwa bengiphendula elikushilo ngami,” kusho uDSD.
U-DSD uthe ngeke athule kuyilona Igcokama Elisha elimnyathela amakhona.
Kuthintwa Igcokama Elisha, livumile ukuthi yilona eliqale ngokumngcofa uDSD.
“Into engicasulayo wukuthi uDSD wasabalalisa amanga nabangani bakhe, wathi ungishaye ngempama sisemhlanganweni woMpheme. Ngifuna ukuthi aphumele obala atshele abantu ukuthi kayikho leyo nto yokuthi wangishaya ngoba akukaze kwenzeke lokho. Futhi bengingaqambi amanga ngokuthi amashethi akhe kawasekho. Kuyiqiniso ukuthi akasenabalandeli. Vele akukho muntu osabonakala egqoke imifaniswano yakhe. Bengingeke ngingayisho into ebonwa yiwona wonke umuntu, ikakhulukazi njengoba kusenento engiphethe kabi ngaye," kusho Igcokama Elisha.