UMAKADEBONA wakuleli emculweni we-jazz, uDkt Nduduzo Makhathini, uthembisa ukuqhulula ulozolo lomculo emcimbini ose-UKZN Centre for Jazz and Popular Music, eHoward College Campus ngoLwesithathu kusukela ngo-5.30 ntambama.
UNduduzo usezakhele udumo emhlabeni jikelele ngokuthaka isigqi se-jazz nesase-Afrika. Ebuzwa ukuthi yini engalindelwa ngabathandi bomculo, uNduduzo uthe ukujabulele kakhulu ukuzonandisa eThekwini ngoba kuningi azokhumbuza abalandeli bakhe ngakho.
"Kodwa ngicabanga ukuthi akukho okwedlula ukusebenzisa umculo ukudlulisa okungaphakathi enhliziyweni yami." Uthe usekulangazelele kabi ukwabelana nabathandi bomculo ngemicabango yakhe. "Ngakho asibonane khona," kuphetha uNduduzo.
Njengothisha nomcwaningi kulesi sikhungo semfundo ephakeme, kulindeleke ukuba uNduduzo acobelele abalandeli bomculo ulwazi lwakhe olunzulu nothando lomculo, abuye avuse ugqozi nofuqufuqu ngezingoma zakhe ezisusa amadlingozi.
UNduduzo yingwazi esike yashiyelana inkundla nezihlabani zamazwe ngamazwe emicimbini eminingi esezingeni lomhlaba okubalwa kuyo iCape Town International Jazz Festival, Essence Festival nakwiBlue Note Jazz Club eNew York. Ngaphandle kokucula nokudlala izinsimbi, uNduduzo ubuye abe nguphrojusa nomnikazi wenkampani yokuqopha. Usekhiphe ama-albhamu asezingeni lomhlaba ayisishiyagalombili kusukela ngo-2014. Eyakamuva nayikhiphe ngo-2022, esihloko sithi In The Spirit of Ntu, ituswe kakhulu ngabahlaziyi bomculo asebemnkantshubomvu kule ndima ngenxa yokuqhamuka nesigqi esihlukile kwesijwayelekile futhi esigxile kakhulu nasezimpandeni zomculo wase-Afrika.
Unxuse bonke abathandi bomculo we-jazz oxutshwe nesigqi sengabadi ukuba bafike ngobuningi babo kuleli dili.
Amathikithi okuthamela ikhonsathi aseyatholakala ngoR110, R80 kwizaguga nangoR50 kubafundi. Ukubekisa indawo nokuthola imininingwane egcwele ngale khonsathi kaNduduzo, ungathumela i-email: [email protected].