BASWELE imilomo omaskanda okwengezwe ngabo uhlu lwalabo abazobe benandisa kwiMpucuzeko Maskandi Festival, ngo-Agasti 12, kusukela ngo-10, ePeople's Park, eThekwini.
Abafana BakaMgqumeni, uMzukulu noMnikezwa Ngubane, bebezitshela ukuthi bashaywe ngesithende ngoba bebona bengafakiwe kulo mcimbi waminyaka yonke. Abaculi badlulise ilaka labo ngesikhathi bebona amagama abo engekho ohlwini labaculi abazonandisa kulo nyaka ka-10, kwasungulwa le ndumezulu yefestiveli.
Eziphendulela umgqugquzeli weMpucuzeko, uXolani Mcineka, unxuse ukuthi bangatatazeli abaculi bakamaskandi ngoba bakhona abane asazobaqasha uma sekuhlangene konke nabaxhasi. Esitatimendeni abasinameke kwiFacebook, Abafana BakaMgqumeni (uSkhevane noJezekhulu Mseleku) bathe kukhona ozovele agule futhi azace ngokuphazima kweso uma esebona ukuthi nabo sebeqashiwe.
Babhale kanje: "Khululeka poqokile, usheshe wajabula. Singoxamu akavinjelwa thina. Ohlehla bengahlehli, ungababona behlehla basuke beyothatha amandla."
Sebephetha babonge abathandi bomculo kamaskandi ngokubalwela ukuze nabo bagcine beqashiwe ngezinye izihlabani zomculo.
"Asilutho ngaphandle kwenu," kuphetha Abafana BakaMgqumeni. UMzukulu ubonge wanconcoza emabhinceni ngokugcina enikezwe ingqayizivele yethuba.
"Ukube bekungekhona ukulwa kwenu, ngabe akunjena balandeli bomculo kamaskandi. Ngibonga ukubonisa amandla enu nothando kimi."
Esephetha uMzukulu ufongqe isigqoko maqede wazibongela kuMcineka.
"Ngiyabonga bhuti Xolani S Mcineka. Ngibonga ithuba," kuphetha uMzukulu.
Laba baculi bazoshiyelana inkundla noQhoshangokwenzakwakhe, Khuzani, Igcokama Elisha, Mtekhala, Buselaphi, Imithente, Izingane Zoma, Cevuzile, Jumbo, Inkosi Yamagcokama, Amageza Amahle, Amavikelambuso, Dumakahle, Mdumazi, Navigator, Ndoni, Saliwa nabanye. Amathikithi aseyatholakala eTicketpro ngoR150 kanti amathikithi e-VIP naweVVIP ayabekiswa ngoR2000 nangoR25000.