UMAKADEBONA emculweni we-Afro pop, uLinah Ebony Khama-Ngcobo, uzogubha ukuqeda iminyaka engu-40 eyibambile insimbi ishisa kule ndima ngoMashi 29 kusukela ngo-5 ntambama, eMeropa Sun International, ePolokwane.
U-Ebony ungunkosikazi wengwazi kamaskandi, Ihhashi Elimhlophe futhi ungunina womlingisi uNtombee Mzolo, umethuli wezinhlelo zemidlalo kwi-SABC uVusiwe nezinsizwa zaMaponi, uNkosinathi noJabulani.
U-Ebony waqala ukubeka induku ebandla emculweni ngeminyaka yo-1980. Waqala ukuzakhela udumo emculweni ngenoni elalithi I Need Somebody ngo-1984, nelithi I Don’t Need You / Ooh La La Hop ngo-1987.
Ezinye izingoma zakhe ezingasoze zalibaleka ngezithi Just The Two of Us, Ice Cream Man, We All Learn From Mistakes, Reggae Never Dies nezinye.
Lesi sihlabani asigcinanga lapho kodwa sabuye saphelezela izinkakha ze-Afro jazz, iStimela ngoba sasiyingxenye ye-albhamu yeStimela yango-1993 eyayisihloko sithi Are You Ready.
Wabamba iqhaza nakweyayithi Don't Ask Why ngo-1994, esebenza noThapelo Khomo, Lloyd Lelosa, Jabu Sibumbe, Nana Coyote, Ray “Chikapa” Phiri.
U-Ebony ubuye wasebenza Marilyn Nokwe wodumo lweMango Groove, Phumzile Ntuli, Khanyo Maphumulo, Beulah Hashe, Mandisa Dlanga, Veronica Makhalemele.
Akagcinanga ngokucula kodwa ubuye walingisa indawo eqavile emdlalweni wethelevishini iGiyani Land of Blood, ebisakazwa kwi-SABC 2 ngo-2019.
Lo mculi uthe uyazithoba kakhulu ngale ngqayizivele yethuba lokugubha ukuqeda iminyaka engu-40 esemculweni.
"Umculo bewusemizweni yami, iphimbo lami nohambo lwami futhi sengikulangazelele kabi ukwabelana nabalandeli bami, umndeni nozakwethu ebucikweni ngalobu busuku," kusho u-Ebony.
Kule ndumezulu yomcimbi u-Ebony uzobe eshiyelana inkundla naMaponi, Yvonne Chaka Chaka, Candy Tsamandebele, Puleng March, Kholeka noMmatema.
Amathikithi aseyatholakala eWebtickets ngo-R350 nango-R800.