INDODAKAZI yowayeyisilomo somculo kamaskandi uMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa, ihamba ezinyathelweni zikayise njengoba seyingene emculweni.
UKhon'uzogcina ‘Indodakazi YeNdidane’ Gcwensa (22), wasesigodini saseMngeni, kwaMajozi, eMsinga, uthe uzalwa yiNdidane entokazini yakwaNxumalo.
Uthe usemusha endimeni yomculo ngoba esenezinyanga eziyisithupha engenile. UKhon'uzogcina uqale ukuzwa amanzi ngobhoko emculweni ngomucu othi Uthando Aluboni ngo-Ephreli nonyaka, kanti ngoNovemba10, uhlela ukukhipha i-albhamu egcwele.
Ephawula ngezinhlelo zakhe uKhon’uzogcina ubeke kanje: "Kukhona engikuzamayo eceleni ngaphandle komculo. Umculo ungeminye yemizamo yami engiqhakambisa ngayo isiphiwo sami. Ngamanye amazwi, ngiqonde ukuthi akusiwona umculo kuphela engithembele kuwo, kepha nawo ungeminye yemizamo engiyizamayo empilweni."
Uqhube wathi ungumntwana kaNkulunkulu ongenasikhathi somjolo kangangoba akanangane futhi akanandoda kodwa uziphilela ngomthandazo zinsuku zonke.
"Ngihlale ngixhumana noNkulunkulu."
UKhon'uzogcina uthe uyise wahlabelela ngaye eseneminyaka emithathu, waphinda eseneminyaka emihlanu ubudala.
Wathi “EMngeni, uKhonzogcina wakwaGcwensa.“ Kuthe kusenjalo laqhamuka neBhova Likadikadika lacula ngami futhi lathi ”Kush' uKhonzogcina Gcwensa, eSigubudu. Sasiyobayini ngaphandle kwakho.” Yingakho isikhathi esiningi ngizibiza ngeSilomo Sendidane futhi leli gama sekuyilona elizophasa kakhulu. Kungenzeka eleNdodakazi Yendidane lilandele ngemuva," kusho uKhon'uzogcina.
Uthe uhlale enxusa uMdali nakwiNdidane ukuba bamuphe amandla ukuze avuse umuzi wakubo kaGcwensa.
"Ngiyalwazi uthando ayengipha lona esaphila. Namanje ngisalubona uthando lwakhe. Yikho ngaso sonke isikhathi ngihlale ngizikhumbuza noma ngilala ukuthi into yokuqala engizoyifeza ekuphumeleleni kwami ukuqinisekisa ukuthi umuzi wakwaDlul'ujeqeze awusoze wafa nangebhadi," kuphetha uKhon'uzogcina.
Indidane yadlula emhlabeni esibhedlela saseDundee ngoJulayi 27, 2015 emuva kokungeniswa khona ixinwe yisifo sofuba.