OZIBILZA ngendodakazi yowayeyingwazi yomculo kamaskandi, uMgqumeni "Idlamanzi" Khumalo, ukhumbule “uyise” nge-albhamu ngosukuashona ngalo, ngoDisemba 19,2009.
UKusaselihle Dlamini, osedume emculweni ngeleZinyane LeDlamanzini likaMsuliwezinyembezi, izolo ukhiphe i-albhamu esihloko sithi Yimi Inkalakatha.
Leli cwecwe eliwuhlobo olubizwa nge-EP luqukethe izingoma ezinhlanu, okubalwa kuzo esihloko sithi Uyaphila, Inyama, Isandla Somndeni nethi Noma Ngakona.
UMsuliwezinyembezi uthe uhlonipha uyise ngale albhamu ngenxa yokuthi akalitholanga ithuba lokubonana naye.
UMgqumeni washonela emotweni eyayimphuthumisa enyangeni ngalolu suku emuva kokukhishwa esibhedlela iHelen Joseph eGoli, okuyilapho ayephuthunyiswe khona ekhala ngokushisa esifubeni.
Yize uMsuliwezinyembezi eseqalile ukuvunywa ngabalandeli bakaMgqumeni kodwa abazala bakaMgqumeni, uSkhevane noJezekhulu Mseleku (asebaziwa ngoFishabakhulu) basamphika. Bathi akasiye indodakazi kaMgqumeni ngoba umufi waze wadlula emhlabeni engakaze wayethula emndenini.
UMsuliwezinyembezi uvumile ukuthi baqinisile ukuthi akakaze wavakashela kwaMseleku ngesikhathi kushone uMgqumeni.
"Lokho kwaba yisinqumo sikamama ngezizathu zakhe (kodwa) ngeke nginabe-ke kakhulu. Yebo, ngakhule ngiwuKusaselihle Dlamini njengoba umama engowakwaDlamini. Uma ngikhula sengitshelwa ukuthi ubaba wami uKwakhe Khulekani wakwaKhumalo (uMgqumeni). Sekudlule lona owayengikhulisile."
UKusaselihle uthe waqala lapho ukuthungatha umlando kayise nokufuna umculo wakhe ukuze abone izithombe zakhe.
"Ngangazi nokuthi kukhona nezinye izingane anazo eziningi futhi ngizame ukuzisondeza kuzo, siyakhuluma nazo. Bangixhumanisa nabakwaKhumalo abakujabulela ukungazi futhi bayangeseka kakhulu kodwa bengingazi ukuthi le mindeni yomibili ukuthi ayixhumani ngezizathu zayo ezigcine zingithinta.
“Ngakho ngase ngithola ulwazi lwangaphakathi kwaMseleku ngabona ukuthi ngizoba wubani kabani, njengoba ubaba engasekho, ngamukela ukuthi ngohlala ekhaya kwaDlamini."
Uthe umculo kayise noshuni ukufundiswe wuzakwabo emculweni, uMfumbathi, odume ngeleGedegede. Uthe ngoba sekuqubuke umsindo ngaye uzokhuluma nonina ukuze axhumane nabakwaMseleku futhi uzimisele ukwenza nolibofuzo ukuze konke kuhlale obala.
Okhulumela umndeni kaMgqumeni, uNelisani “Jezekhulu” Mseleku wenqabile ukuphawula wathi akafuni ukuzihlanganisa nalolu daba.
“Ngesizathu sokuthi la emhlabeni kuphilwa ngamanga, iqiniso alifunwa asizukwazi ukuphawula futhi asifuni ukuzihlanganisa nemisangano siyabonga," kuphawula yena.