INJABULO liya ngokudlondlobala isasasa lengoma yomunye womrepha obesamatheni kulezi zinsuku kulandela ukungcofana kwabaculi. UK.O wodumo lukaMr Cash Time onengoma ethi Sete ayicula ngokubambisana noYoung Stunna noBlxckie, uswele amaphiko okundiza ngokwenza kahle kwengoma yakhe.
Le ngoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku isifinyelele kuma-views angaphezulu kuka-1,5 million ku-Apple music, angaphezulu kuka-1 million kwiSpotify nakwiYoutube. Isilalelwe ngabantu abangaphezulu kwe-million.
ISete ayigcini lapho, ihleli naphezulu kwiTop 5 ezingomeni ezingenisile eNingizimu Afrika. Ezinsukwini ezedlule, uK.O uphinde wakhipha ngokusemthethweni i-video yeSete nesibheke kuma-views abalelwa kwi-million kanti leli phephandaba libike esawu-878 amaviews e-video kwiYoutube.
"Kuthi angindize, iSete iqopha umlando ngokuba umucu oshaye igolide ngokushesha, sibheke kwi-platinum maduze," kusho uK.O.
"Siyakubongela bafo usinikeze umucu omuhle kakhulu," kusho uLebo Tlhapi.
"Angazi kungani ngijakubulela kangaka?“ kusho uTranquil.
"Ngivukelwa uhlevane," kusho u-Ongied.