INGXABANO edalwe ukushayelisana kabi, ikhiphe isidumbu emgwaqweni uMangosuthu Highway, ngasenxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu, eMlaza.
Kulesi sigameko kufe umshayeli weveni eliyi-double cab, okuthiwa udutshulwe amahlandla amathathu ngumshayeli wetekisi, okuvela ukuthi ubeshayelisana naye kabi.
Ngokusho komthombo, umufi ubehamba eshayeliswa kabi umsolwa kusukwa ngasenxanxatheleni yezitolo iMega City.
“Kuthiwa umsolwa ubelokhu emshayelisa kabi yonke le ndlela. Kuthe uma sebefika ngaKwaMnyandu, umufi obedinwe egane unwabu, wehla emotweni yakhe, waqonda kumsolwa etekisini,” kusho umthombo.
Uqhube wathi, ufike kuye (umsolwa), wamhluba ngequpha.
“Uvele wabuyisela ngenhlamvu, emdubula amahlandla amathathu,” kubeka umthombo.
Uthe umufi uthulele endaweni yesigameko.
Abenkampani yosizo oluphuthumayo, i-ALS Paramedics Medical Services, abahambele endaweni yesigameko emva kokwenzeka kwaso ngabo-11 ekuseni, bathe umufi ubedutshulwe ezindaweni ezibucayi kwesingenhla.
“Abosizo oluphuthumayo bethu bafike endaweni yesigameko sekukhona namaphoyisa. Bakhonjiswe lapho bekudindilize khona isidumbu sikamufi. Bathe uma bemhlola, babona ukuthi amanxeba akhe abesezindaweni ezimbi, kungekho ebebengakwenza. Bamqinisekise njengoseshonile khona lapho,” kusho isitatimende sabakwa-ALS Paramedics Medical Services.
Okhulumela i-South African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal, uMnuz Sifiso Shangase, edlulisa amazwi enduduzo emndenini kamufi, uthe banxusa ukubekezelelana kubashayeli uma besebenzisa umgwaqo.
“Sibheke emaholidini ePhasika, imigwaqo izoba matasatasa, abantu beya ezindaweni ezehlukene. Le ndlela yokuziphatha, siyanxusa ukuthi abashayeli bangazibandakanyi nayo,” kusho uShangase.
Uthe kwejwayelekile ukuthi kube khona abashayeli abashayelisana kabi emgwaqweni, nokuyinto abangayigqugquzeli njengemboni.
“Kodwa udlame alusona isixazululo. Sithi abantu abangashayelisani kabi emgwaqweni, uma sekwenzekile washayelisa noma washayeliswa kabi, udlame alusona isixazululo,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, usiqiniseikisile isigameko.
“Kubikwe ukuthi umufi uxabane nomunye umshayeli. Kuthiwa umufi ube esehlasela umshayeli abexabana naye. Lo mshayeli ube esekhipha isibhamu, wadubula umufi,” kusho uMagwaza.
Uthe umshayeli oneminyaka engu-46 ube eseboshwa ngamaphoyisa asesiteshini saseMlaza ngesigameko.