UMCULI ocula owokholo obegubha iminyaka engu-20 esemculweni, uHlengiwe Mhlaba, uthe unesifiso sokuthi ahambele nakwezinye izifundazwe.
UHlengiwe ubenze indumezulu yomcimbi ePlayhouse, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku. Ubesekwa nguSipho "Big Fish Makhabane (ayeqopha ngaphansi kwakhe esafika), Thobekile noJumbo
Bekungagcini ngokugujwa kuphela kodwa ubeqopha ne-albhamu entsha.
“Ngidlulisa okukhulu ukubonga kwabebekhona nabebengekho. Ngiyakuqonda ukuthi abanye abaphumelelanga ngenxa yezizathu ezithile. Bengibonga uNkulunkulu ukuthi uhambe nami emculweni iminyaka engu-20, ngibonga nakubantu ngokungeseka futhi ukuma kwami kuncike kubo ngemikhuleko,” kusho uHlengiwe.
Uthe akakwazi ukuphakamela abantu ngoba basetshenziswa wuNkulunkulu ukuze akwazi ukuba lapho ekhona. Uthe uma bengavumanga ngabe akayilutho.
“Ekujuleni kwenhliziyo yami ngiyabonga. Bekukhona nezikhulu ngiyabonga kuzo ngokwehlukana kwazo. Abefundisi nabamabandla kanjalo nabaseNdlunkulu, ngiyabonga.”
Uthe ukuba khona nabakwezinye izifundazwe kumenze waba nesifiso sokuthi awuyise kuzo umgubho.
“Kuyisifiso sami ukuthi senze umjikelezo, ngihambele nakwezinye izifundazwe ngoba ngicula izwe lonke. Kwezinye izindawo ngize ngithuke ukuthi kazi bayangizwa yini. Sekuyoncika ekutheni umuntu uyabathola yini abaxhasi. Njengabantu besifazane kukancane ukuthi sithole uxhaso. Siyakhuleka nakubaxhasi ukuthi basixhase sibe nemicimbi yaminyaka yonke. Iningi kuba ngeyobhuti.”
Uveze ukuthi usezohlala nethimba lakhe babone ukuthi abekuqopha kuzophuma nini kodwa ufisa ukuthi kusheshe.