AMALUNGU eNehawu azozwakalisa ukungahambisani kwawo nokunyuswa kwentela eyengezwa ezintweni ezithengwayo, iValue Added Tax (VAT), uma sekwethulwa isabelomali saKwaZulu-Natal, namhlanje.
I-Nehawu izoba nombhikisho onokuthula esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, lapho uMphathiswa wezeziMali, uMnuz Francios Rodgers, ezokwethula khona isabelomali sakhe sokuqala kusukela angena kulesi sikhundla.
Isabelomali sikazwelonke esethulwa uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, siphakamisa ukuthi intela inyuswe ngo-0.5% kulo nyakamali ozoqala, iphinde inyuswe ngomunye u-0.5% kunyakamali olandelayo.
Ziningi izinhlaka eziphikisana nalesi siphakamiso esisazovotelwa ePhalamende.
UNobhala weNehawu KwaZulu-Natal, uMnuz Ayanda Zulu, uthe bazozwakalisa ukungenami kwabo ngesiphakamiso sokunyuswa kwentela.
I-Nehawu ikhala ngokuthi ukunyuswa kwentela kuzokhinyabeza abasebenzi kanye nabantu abahlwempu.
Embhikishweni wanamhlanje iNehawu izophinde izwakalise ukungahambisani nokuthi uhulumeni onge imali ngokumisa ukuqashwa kwabasebenzi bakahulumeni.
UZulu uthe ukungaqashwa kwabasebenzi sekwenze ukuthi kube nezikhala eziningi eminyangweni kahulumeni esifundazweni.
"Siyaphikisana nalo mkhuba omubi owenziwa uMnyango wezeziMali lapha KwaZulu-Natal wokonga imali ngokungaqashi abasebenzi bakahulumeni. Lo mkhuba usuholele ekutheni iminyango ingabi nabasebenzi abenele. Ukungabi khona kwabasebenzi abanele kuphazamisa ukusebenza kweminyango, abantu abazitholi ngendlela efanele izidingo."
UZulu uthe bazohlaba ikhwelo lokuthi uhulumeni uqashe bonke abasebenzi ngokugcwele.
"Sizohlaba nekhwelo lokuthi uhulumeni aqashe ngokugcwele onompilo njengoba iNkantolo yezaBasebenzi isanda kukhipha umyalelo wokuthi abaqashwe ngokugcwele."
Selokhu uRodgers angena esikhundleni uhlale ezishaya isifuba ngokonga imali ebisaphazwa iminyango kahulumeni.
I-DA KwaZulu-Natal ithe isabelomali siyithuba lokuthi uRodgers enze lokhu ahlezi ekushumayela kokuba kwabiwe ngendlela imali.
Okhulumela iDA kwezezimali esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Tim Brauteseth, uthe uRodgers uvele useqalile ukuzibonakalisa, kodwa wathi namhlanje uzoba nethuba eliyingqayizivele lokuba akhombise ukuthi akagcini ngokukhuluma kodwa uphinde enze.
"Namhlanje kuzoqopheka umlando KwaZulu-Natal. Kuzobe kungokwesibili umphathiswa ongelona ilungu le-ANC ethula isabelomali kusukela ngo-1994. Selokhu uRodgers engenile esikhundleni, miningi imizamo aseyenzile yokonga imali."
UBrauteseth uthe bafuna uRodgers abhekane nezinkinga ezintathu ezikhungethe isifundazwe kwezezimali.
Uthe inkinga yokuqala ukuthi isifundazwe asitholi isabelo esanele esabelweni sikazwelonke, wathi eyesibili ukuthi izinkampani zikahulumeni wesifundazwe azitholi isabelo esanele, wathi eyesithathu ukunyuswa kwemiholo yabasebenzi bakahulumeni ngaphandle kokuthi kwenyuswe isabelo esitholwa isifundazwe.