ABATHANDI bomculo wezimfijoli nowamakhwaya kulindeleke ukuba babheme bakholwe kwi-2022 Spring Season: World Symphony Series, ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini kusasa kusukela ngo-7 ekuseni.
Lolu chungechunge lwamakhonsathi luzohlale lukulesi sikhungo ngoLwezine kuze kushaye umhla ka-27 Okthoba ngesikhathi esifanayo.
Kusasa iKwaZulu-Natal Philhamornic Orchestra izobe ibophele izingwazi zamazwe ngamazwe kanye nekhono lakuleli. Phezulu eqhulwini izobe ibhidiswa uDaniel Boico kanti inkundla izovulwa ngeculo lomqambi waseHungary, uZotan Kodaly elisihloko sithi Dances of Galanta. Kuzobe sekulandela umucu osihloko sithi Rhapsody in Blue, okuzobe kuboshelwe kuwo umzwilili we-opera, uNina Schumann kwi-piano. Emuva kwekhefu kuzobe sekulandela abaculi bakuleli namakhwaya. Bonke bazobe becaphuna emsebenzini kaHandel osihloko sithi Judas Maccabeus.
Kubaculi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa uNombuso Dladla, Khumbuzile Dlamini, Thabiso Mademene, Bongani Kubekha, iClermont Choir neZama High School Choir. La makhwaya azobe ebhidiswa nguBrian Msizi Mnyandu noNjabulo Ndlovu.
UBongani Tembe, oyisikhulu esiphezulu nomqondisi wezobuciko kwiKZN Philharmonic Orchestra, uthe bahlale bekuthokozela ukuhlanganisa abathandi balo mculo ngeSpring Symphony Season.
"Ukugcina isiko leWorld Symphony Series, sizobe sibophele izihlabani zamazwe ngamazwe nabaculi abasezingeni eliphezulu ukugcina izethameli zijabule." Eqhuba uBongani uthe kulokhu basebenzisane nomphakathi nabafundi basezindaweni ezazincishwe amathuba ngaphambilini.