KUJABULE umculi kamaskandi waseMpangeni, uDavid “Qadasi” Jenkins ngokuqokwa kwengoma kaZakhele "Zakes Bantwini" Madida, Nomcebo Zikode noWouter Kellerman kuma-65th Grammy Awards angonyaka ozayo.
Laba baculi baqokwe emunxeni weBest Global Perfomance.
UQadasi uthokoziswe wukuthi nguye odlala inkositina nesigingci kule ngoma yohlobo lwe-Afro Fussion Maskandi ethakwe nezinhlamvu zowokholo, esihloko sithi Bayethe.
“Ngijabule kakhulu yize kungemina oqokiwe kodwa ngibambe elikhulu iqhaza kule ngoma njengoba ngidlala inkositina nesigingci. Nginethemba lokuthi nami noMaqhinga Hadebe sisendleleni yokuthi ngelinye ilanga siyoqokwa ngomuye unyaka,” kusho uQadasi.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwalaba baculi abaqokiwe ayiphumelelanga kodwa ezwa lezi zindaba, uZakes Bantwini ekhasini lakhe le-Instagram ulobe ukuthi; "Sengiqokwe okokuqala kumaGrammy. UNkulunkulu mkhulu."
UZakes Bantwini waKwaMashu uzakhele udumo ngenoni elisihloko sithi Osama.
NoNomcebo, oqokwe okokuqala kulo mqhudelwano wezindondo, wehlulekile wukuzibamba, naye kwelwakhe ikhasi azisa abalandeli bakhe.
"Ngehle ebhanoyini maqede ngathola ukuthi sengiyiciko eliqokwe kumaGrammy. Mina, uZakes Bantwini noWouter Kellerman singenile," kubhale uNomcebo waseHammarsdale wodumo lwengoma esihloko sithi Jerusalema.
Yize uZakes Bantwini noNomcebo beqala ukuqokwa kodwa kuhlukile okukaWouter waseGoli njengoba eseqokwe okwesithathu.
Laba baculi baqhathwe noBurna Boy wengoma ethi Last Last, Matt B and Eddy Kenzo wengoma ethi Gimme Love, Arooj Aftab and Anoushka Shankar wengoma ethi Udhero Na, Rocky Dawuni wengoma ethi Neva BowDown.
Uma oNomcebo bewina kuyosho ukuthi balandela ezithendeni zikaBlack Coffee othole indondo yeBest DJ kulo nyaka.Abanye abaqokiwe kumaGrammy ngoAbba, Adele, Beyonce, Mary J Blige, Doja Cat, Kendrik Lamar nabanye abaningi.
Abahlabene kulo mqhudelwano bazomenyezelwa emcimbini ozobe usakazwa bukhoma eCrypto.com Arena, eLos Angeles ngoFebhuwari 5, 2023.