UMCULI weR&B, uFloda Grae, usephumele obala wacela ukungaphinde ayamaniswe nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu.
Uthe yena akakaze washada namuntu kodwa uzishadele nomculo, okuyiwo asezibophezele kuwo. Uthe indlela amatasatasa ngayo yenza angabe esaba nandaba nezothando. Uthe noma engaba sothandweni, ngeke aba nesikhathi sokuphendulana nemiyalezo ngenxa yokuhlale ehla enyuka emithonjeni yezindaba phesheya kwezilwandle.
Ebuzisiswa ukubeke kwacaca ukuthi akafune lutho olumhlanganisa noNgizwe, wathi abantu mabamxege ngoNgizwe kodwa bathenge ingoma yakhe entsha esihloko sithi Iyona Le.
Ethintwa uNgizwe ukuba aphawule ngokushiwo nguFloda njengoba abantu ezinkundleni zokuxhumana bebethi lezi zithandani kucacile ukuthi kazisashadile, uvele wabhoka ngolaka, wathi wenze kahle uFloda waphendula ngendlela aphendule ngayo.
"Uyakulaya ngoba niyaphapha. Kumele ngabe nigxila emsebenzini nasemculweni wakhe. Yilokho kuphela. Nihamba nidayisa amaphepha ngathi ubusuku nemini." Uthe kade asho ukuthi angabe esaphawuliswa ngoba unenkundla yokuxhumana akhuluma kuyo.
Ukhwele wadilika entathelini eyisola ngokulambela ezindabeni zabantu.Ubuye wathumela i-voicenote esebhuqa uFloda ngokugxila emculweni.
"Selokhu ashada nawo ezalwa. Uphefumula wona. Akuhlale kunje," kuphetha uNgizwe.
Ukhuluma kanjena nje lo mculi wodumo lwengoma ethi Ran Away nethi Decapitate, uke waveza ukuthi ubudlelwane bakhe noNgizwe bonakele kakhulu, buwonile nomculo wakhe ngoba ukhulumela safuthi, okwenze iningi laziqhelisa kuye. Kuze kwavela nokuthiusebuyele esibongweni sakwaMthimkhulu.
UNgizwe noFloda babopha ifindo likasofasilahlane ngo-2015. Emuva kwalokho, iphephabhuku lakuleli labika ukuthi inkosikazi endala kaNgizwe, uSphelele Nxumalo neyesibili, uLindiwe Khuzwayo, bavimba uNgizwe ukuba ashade uFloda ngokwesintu.
Nebala iNkantolo eNkulu yaseThekwini yawuthatha njengento engekho umshado kaNgizwe noFloda ngo-2015. Ngo-2018 uFloda wabuyewabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi “sengilishiyile inigga” futhi wabuye wadalula kweminye imithombo yezindaba ukuthi ubehlukumezeka.
Kulezi nsuku uFloda ushisa izikhotha ngengoma ethi Iyona Le emazweni ahlukahlukene, okubalwa kuwo i-USA, Nigeria, United Kingdom naseJamaica. Uthe okudala lokho wukuthi usengaphansi kwenkampani yaseNigeria kodwa enamahhovisi e-USA nase-UK.
Nakuba kunjalo kodwa uthe kumphatha kabi ukuduma emazweni angaphandle kunasekhaya.
Uthe kodwa akakhali kangako ngoba umculo wakhe wesekelwa kakhulu phesheya. Uthe akasitholi isikhathi sokuzinza uma ephesheya kwezilwandle, ngenxa yokuba matasatasa.
Uthe usazokwenza kabusha le ngoma futhi esepike nabanye abaculi, maqede akhiphe i-albhamu ephelele ekupheleni kwalo nyaka.
Nakuba ethanda ukusebenza nabaculi bakwamanye amazwe kodwa uthe uyafisa ukuphrojuselwa nguKabza De Small noMaphorisa enye ingoma.