IZINGWAZI zomculo wesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo, zizoqala uchungechunge lwamakhonsathi ngoMeyi 24, eJo’burg Theatre, eGoli.
Leli qembu eselihlabane amahlandla amahlanu kumaGrammy Awards, lizosonga imbenge yochungechunge ngoMeyi 28. Isolezwe lithole ukuthi umcimbi waseJo’burg Theatre uqondaniswe noSuku lokugubha amaGugu ase-Afrika, njengoba ngoMeyi 25, luwusuku lwe-Afrika. Omunye wabaholi baMambazo amnyama, uSbongiseni Shabalala, uthe iLadysmith Black Mambazo igubha inyanga yamaGugu ase-Afrika, ngenxa yokuthi umculo wayo ugxile esikweni nasemagugwini abantu abamnyama.
"Lonke uchungechunge lwethu lwamakhonsathi ase-Afrika, lumayelana nokugubha izimpande nomsuka we-Afrika noweqembu," kuchaza uSbongiseni, omunye wamadodana omsunguli weqembu, uSolwazi Joseph Shabalala.
Uthe bakujabulela kakhulu ukuculela umphakathi waseNingizimu Afrika, ngoba yilapho impumelelo yaMambazo yaqala khona futhi yilapho yaqala ukudayisa kakhulu umculo wawo ngeminyaka yo-1970 nango-1980.
"Ukwesekwa eyakuthola kuleli nasemazweni angomakhelwane, yikho okwacaba indlela yeLadysmith Black Mambazo emazweni aphesheya kwezilwandle," kuphetha uSbongiseni.
Omunye wamalungu asemnkantshubomvu kwiMambazo, u-Albert Mazibuko, uthe ukunandisa kwabo kuleli kukhethekile ngoba selokhu kwathi nhlo iqembu licula ngezigameko ezenzeka kuleli kusukela ngezikhathi zobandlululo kuze kube yimanje.
"ILadysmith Black Mambazo iyisibuko somphakathi waseNingizimu Afrika. Inhlosongqangi ngochungechunge lwamakhonsathi akuleli, ukuxhumana nabalandeli baMambazo bakuleli nokugubha amagalelo aleli qembu selokhu lasungulwa," kubeka uMazibuko.
Eqhuba, uMazibuko uthe umsunguli weqembu wayengumxoxi wezindaba owayesebenzisa umculo ukudingida nangezehlakalo adlule kuzo.
AMambazo azosuka eGauteng, adlulele ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini ngoSepthemba 26, kuze u-Okthoba 1, kulo nyaka. Kuthi ngoNovemba 19-19, abhekise amabombo awo e-ArtsCape, eCape Town. Imbenge azoyisonga ngoDisemba 15 kuya ku-17, eState Theatre, eTshwane.
Abazohambela amakhonsathi bazothola ingqayizivele yethuba lokubona amaqembu esicathamiya avunjululwe yisikhungo esingumahambanendlwane, iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy. Phakathi kwamaqembu kubalwa iMzamo Young Boys (KZN), Mohlakeng Accapellas ( Free State), Botshabelo Sunrise ( Free State) neGood News (Mpumalanga). Ngaphandle kwalokho, aMambazo azobuye avakashele izikole zasemadolobheni alapho ezobe ecula khona ngenhloso yokucija nokukhuthaza abaculi abasafufusa.
*Amathikithi okuthamela amakhonsathi angoMeyi aseyatholakala eWebtickets ngoR130 kuya kuR350.