SEKUQUBUKE umbango ngegama lomcimbi wesihlabani sikamaskandi, uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele, ozoba se-Ellis Park Arena eGoli ngo-Ephreli 21, Indlabeyiphika Maskandi Festival njengoba sekunosomabhizinisi waseMgungundlovu othi wumqondo wakhe. UThobani Dlamini weNdlabeyiphika Entertainment uthe iGcokama liyamxhaphaza ngoba lazi kahle ukuthi wumqondo wakhe. “Lo mcimbi bengiwuhlela ngonyaka odlule eTembisa kodwa wangaphumelela ngenxa yokuthi abaxhasi babuye babhala bacisha. Bengiwuhlela nenduna yalo iGcokama, uSkhindi Mahlobo, owangixhumanisa nenye okuthiwa uMadala, yena owangixhumanisa negidangoma leGcokama uPholo, owangixhumanisa neGcokama.” UThobani uthe wayesafuna ukuthola ukuthi kungaba yimalini ukuqasha iGcokama.
“Noma-ke laqala ngokuchoma nokupikla kodwa lagcina lingiphendule ngokuthi kungaba uR25 000 kuya kuR30 000,” kusho uThobani.
Ube esethumelela Isolezwe ubufakazi bokuthi inkampani yakhe, Indlabeyiphika Entertainment, wayibhalisa ngoJulayi 25 nyakenye ngaphansi kwesikhungo sikahulumeni, iCompanies and Intellectual Property, wayivulela i-akhawunti ebhange ngo-Agasti 4 nyakenye futhi unesitifiketi esiqinisekisa lokhu. Ubuye wathumela ne-poster yeNdlabeyiphika Maskandi Festival eyayizoba sePhomolong Stadium eTembisa ngoDisemba 9, 2017 kodwa ayinalo uhlu lwabaculi.
“Ngangisakhulume neGcokama nabanye. Bayazi nje Abafana BakaMgqumeni noZimdollar ngalo mcimbi.”
Lithintwa Igcokama livele lathi uThobani uzifunela udumo maqede kwashaya ucingo ozibize ngemenenja yeGcokama uMpilo Manyathi othe igama elithi Indlabeyiphika yisiteketiso seGcokama esidala kabi njengoba lizokhipha iCD entsha selizibiza ngeNdlabeyiphika.
“Utheni uma nikhuluma naye, uthe ngabe kuntshontshwe igama noma umqondo. Uma ethi umqondo uchaza ukuthi nohlu lwabaculi abazobe benandisa lufana nolwakhe,” kusho uMpilo. Uthe kungamanga ukuthi uThobani wake waqasha uMthandeni.
UThobani uthe uzimisele ngokulwa kuze kunqamuke izingalo ngoba uyabona ukuthi ubanjwa inkunzi emini kwabha. Indlabeyiphika Maskandi Festival yeGcokama ibophele abaculi abadumile okungoKhuzani, Abafana BakaMgqumeni, Dlubheke, Mjikijelwa, Buselaphi, Igeza LakwaMgube nabasakazi boKhozi FM uZimdollar noNgizwe Mchunu.