UMCULI kamaskandi, u-Ali "Igeza LakwaMgube" Mgube nendodakazi yakhe, basobishini emuva kokuba umfelokazi kamfowabo, uNksz Hlanganaphi Sibisi, ebavulele icala lokushaya nelokumhlambalaza emphakathini.
UNksz Sibisi uthe ngempelasonto eyedlule wahlaselwa wuMgube nendodakazi yakhe, uLungile, esemzini kade kulungiselelwa umngcwabo womshana kaMgube, uVika Sibisi.
“Kwasukuma indodakazi yakhe yangishaya ngeshoba yathi angisafunakali kwaMgube ngoba yimi engiqeda umndeni ngokuwubulala.
“Kwabe sekusukuma uMgube wangibhonya maqede wangihudulela ngaphandle. Kwahluleka ngisho izingane zami zikhala futhi ngiphenyeka izingubo, kuvela ezangaphansi kodwa waqhubeka nokungihudulela emnyango.”
Uthe waze wasizwa ngamaphoyisa aseMatimatolo, eMgungundlovana ukuze aqoqe amasakana akhe. Uthe selokhu kwashona umyeni wakhe uMgube ubemhlukumeza futhi emsola ngokubulala umfowabo.
“Wenza lokho nje nguye futhi owadla izimali zomyeni wami, ngangathola lutho mina nezingane zami ezintathu,” kubalisa umfelokazi othe kulokhu ushaywe ngoba esolwa ngokufa kukaVika.
UMgube, obuye abe yinxusa lakwaCrawl Clothing, uphike walala ngomhlane ukuthi ubhonye umfelokazi kamfowabo kodwa wathi ubekhona endlini ngesikhathi indodakazi yakhe imtshela emehlweni ukuthi nguye umfelokazi obulala izingane.
"Bekukhuluma abantu abadala futhi sebenodlame ngoba bekhala ngokuthi yithi esiyekela lo mfazi abulale izingane. Ingane yami ibe seyimshaya ngeshoba maqede yamhudulela ngaphandle.
“Mina bengimlamulela kodwa kwasho ukuthi abantu abadala banamandla."
UMgube uthe uyafuna umka mfowabo aphume aphele kubo ngoba nomuntu ayehlalisene naye akasekho futhi uhlambalaza umuzi kayise ngokushintshanisa amadoda.
Uthe akukho nje okuhle okwenziwa wumka mfowabo ngoba uyabahlukumeza benonina. Ubuye wadalula ukuthi uNksz Sibisi ubengesiye unkosikazi kamfowabo ngoba akamkhiphelanga ngisho nenkukhu kodwa wagcina ngokumkhulelisa izingane ezintathu.
"Umfowethu wathi ngeke aze amlobole ngoba uyahlupha, ukhulumela safuthi futhi umqhatha nabantu."
Ebuzwa uMgube ukuthi wake wamnuka yini ekushoneni kukamfowabo, uthe kuyenzeka kushaywe amakhala uma kunomuntu oshone ngendlela engaqondakali. Mayelana nemali kamfowabo, uMgube uthe akadlanga mali kodwa umnikelo wasemsebenzini kamfowabo onguR15 000 wathenga ngawo ukudla komngcwabo.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uvumile ukuthi kukhona icala lokushaya nelokwethuka eliphenywa ngamaphoyisa aseMatimatolo.
“Ummangali uthe wayesemzini osendaweni yaKwaPholi ngesikhathi ethukwa futhi eshaywa ngabantu ababili abaziyo,” kuphetha uConstable Ngcobo.