UMCULI kamaskandi osehlelweni olukhonjiswa kuMzansi Magic ngoLwesine, uMongezi "Mayoghurt" Jama, uthukuthele uyaveva emuva kokuba ongumengameli wamabhinca, uNgizwe Mchunu, eshiye angalazi kuye.
UNgizwe ufanise uMayoghurt (22) nesitho sangasese somuntu wesifazane.
"Uhamba ulokhu uhlikihlana nobuso engathi isibu*** Wawusho ukuthini uma uthi mina angisile, abantu bayoze bangibone ukuthi angisile."
Kuhlule ngisho uMayoghurt exolisa kuNgizwe kodwa waqhubeka: "We Mayoghurt uyazi ukuthi ngikuthanda kanjani njengoba ulingana nengane yami esesiswini? Ngikuthandela lokho kodwa wena uyangiphoxa. Ngiyabubonga ubunsizwa bakho bokuthi uthi uzelwe uyiqatha, ungangimngqa*** kodwa ukwazi ukulwela ubunsizwa," kugadla uNgizwe.
Ebuzwa ngenkulumo kaNgizwe, uMoyoghurt uthe "Ubab' uNgizwe bengimhlonipha kakhulu, ngithi yinsizwa kanti akanangqondo emdala emngaka. Umbuzo wam uthi uyasazi yini isbum*** noma uke ezwe ngendaba. Uma kuwukuthi uyasazi, wake wahla*** bani ngoba into engizoyenza ngizomkhohlwa wukuthi mdala njengoba yena enobuso obudunusile."
Eqhuba uMayoghurt, uthe uzomyeka uNgizwe ngenxa yokukhumbula ingoma kaMjik'jelwa ethi "Ungaphiki Nohlanya (ngoba) uzogcina uhlanya, ngifane naye ngoba into engiyaziyo uhamba esukela bonke abantu. Ungasho nje ukuthi wayemzondelani uKhuzani? UNgizwe uke wahlanya phambilini, ngiyacabanga ukuthi akabange esalulama kahle ekhanda."
UMayoghurt uthe selokhu uNgizwe axoshwa oKhozini akabange esaphila ekhanda.
Uthe yena akakaze wachukuluza uNgizwe kodwa uNgizwe wasuke wachwensa abantu baseMzimkhulu ngesikhathi kuhlasele iqhwa ngo-2021.
"(UNgizwe) wabe esethi abantu baseMzimkhulu babona intuthuko uma bebona iqhwa, ngaphendula lapho mina." Eqhuba uMayoghurt, uthe ngeke alwa noNgizwe ngoba akanawo amandla okulwa nenyanga, yingakho abelokhu exolisa.
"Hhayi ukuthi ngiyamesaba," kuphetha uMayoghurt.
*Khonamanjalo, uMayoghurt uzoshiyelana inkundla nezinye izihlabani zomculo kamaskandi kwiMpucuzeko Maskandi Festival ePeople’s Park, eThekwini ngo-Agasti 17.