XOLILE MPISANE
UFUNGA uyagomela ukuthi iqembu lakhe ngeke lizithele ngabandayo uma selibhekene neSibanye Golden Stars koweLast 32 yeNedbank Cup, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
AmaBrazilian, okuyimanje aqhwakele kwiBetway Premiership, azobhekana neqembu laseFree State eligijima kwi-ABC Motsepe League, namuhla ngo-6 ntambama, eLoftus Versfeld, ePitoli.
Yize umqhudelwano uvulela amaqembu adlala ezigabeni eziphansi ithuba lokuthi amangaze lawa agijima kwesiphezulu, iSundowns ayikaze ikhishwe ngama-amesha.
Esikhundleni salokho, yaqopha irekhodi lokuhlohla amagoli amaningi emdlalweni owodwa kuleli zinga lebhola laseNingizimu Afrika, ngesikhathi ibhubhudla iPowerlines FC ngo 24-0 kulo mqhudelwano ngo-2012.
Umdlalo wayo wokugcina neqembu elingadlali esigabeni esikhokhelayo wawungo-2022, lapho yaxebula khona iMathaithai FC ngo 6-0.
“Ithimba lami labaqeqeshi selinezinsuku ezimbalwa lihlelela lo mdlalo. Siyile ukuyobuka umdlalo wabo wokugcina bukhoma. Besingenalo ulwazi oluningi ngabo phambilini kodwa manje sesiyazi ukuthi sizodlala naluphi uhlobo lweqembu,” kusho uCardoso.
“Umdlalo okufanele siwuhloniphe njengayo yonke imidlalo esiyidlalayo, sihloniphe iqembu esizobhekana nalo, singacabangi ukuthi liphuma kuyiphi iligi.”
UCardoso uqhube wathi uyaqonda ukuthi imidlalo yomkhumulajezi idinga izinga eliphezulu ngoba kungenzeka noma yini uma kukhona okuncane okungaqondile abakwenzayo.
“Asifuni ukumangala. Ngizoqhubeka nokufuna okukhulu kubadlali bami. Lokhu kusho ukuthi asifuni ukuhlonipha izimbangi kuphela kodwa sifuna ukuzihlonipha nathi, siphinde sihloniphe nomqhudelwano,” uqhube kanje.
“Lona ngumqhudelwano obaluleke kakhulu, esifuna ukudlala kuwona kuze kube sekugcineni.”
ISundowns yafinyelela emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ngesizini edlule kodwa yangakwazi ukuphakamisa indebe, inqotshwa yi-Orlando Pirates ngo 2-1.
Yize iqembu laseMamelodi, selenze isicoco seligi kwaba esalo eminyakeni edlule, selijwayele ukuhluleka kweyomkhumulajezi njengoba selihlulwe kowamanqamu kathathu kulandelana.
Ngaphandle kweNedbank Cup, iPirates iphinde yalithela phansi kowamanqamu kwiMTN8 ngesizini edlule, kwathi iMagesi FC yalinqoba kowamanqamu weCarling Knockout ngoNovemba nyakenye.