NAMANJE uthi akazi uphume kanjani ephila engozini yemoto enyantisa igazi umcli wekwaito, uLvovo Derango.
Ekhuluma neSolezwe esesibhedlela izolo, uthe ingozi yenzeke esendleleni eya ekhaya eNewcastle ngoLwesibili.
Ubonge amadlozi akubo noMdali ngokumvikela engozini ecishe yadlula nempilo yakhe.
"Uma ngibuka izithombe zemoto yami ebengiyishayela, ngivele ngithuthumele. Angazi ukuthi ngiphume kanjani ngiphila. Ngiphaphame sengisesibhedlela ngixhunywe imishini. Ngiyabonga kuMdali nabakithi ngokunginika elinye ithuba lempilo. Ukusinda kwami engozini kungikhombise ukuthi kusekuningi okusafanele ngikwenze emhlabeni, yingakho nginikezwe elinye ithuba, ngalokho ngiyabonga kakhulu.
Uthe okunye akujabulelayo wukuthi ugcine etholakele umshayeli wemoto edale ingozi yabaleka.
Ubonge ozakwabo emkhakheni womculo nowezobumnandi ngemikhuleko, wangabashiya ngaphandle nabantu bakuleli abamfisele ukululama okusheshayo.
"Akukubi kakhulu. Odokotela bathe kugudluke ithambo lenqulu, bazozama ukulibuyisela," kusho uL’vovo.
Abantu bakuleli bamfisele ukululama ngokushesha.
Ozakwabo, okukhona kubona uBullistic noFelix Hlophe babhale ezinkundleni zokuxhumana bemfisela ukululama ngokushesha.
UFelix ucele abantu ukuthi babeke emthandazweni umngani wakhe, amthatha njengomfowabo uL’ovo, ngemuva kwengozi yemoto emehlele.
“Usesibhedlela ngemuva kwengozi embi kakhulu. Boya beNyathi obusongwa busombuluka. Gatsheni. Mpongo kaZingelwayo. Lulama mfowakithi, lulama Mthiyane ngokuthiya amadoda emazibukweni,” kusho uFelix.
UBullistic uthe babonga uNkulunkulu noGatsheni ukuthi uL’vovo usindile engozini.
“Sibonga ukuthi umoya usahlagene nenyama nsizwa yakithi,” kusho uBullistic.