"NGIYAKUXOLELA. Kulungile. Eqinisweni ngiyakuxolela JZ. Uyazi nawe ukuthi into engihlale ngikufisela yona impumelelo, amaphiko akho avuleke, undizele phezulu. Noma kunjena-ke, ngiyakuxolela namhlanje."
Usho kanje uNonkanyiso "Laconco" Conco wodumo lweReal Housewives of Durban ngesikhathi ekhuluma uhlelweni alusakaza kuYouTube Channel,iTimeline With Laconco.
Uthe okwenza axolele uMengameli weMK Party, uMnuz Jacob Zuma, yingoba akafuni ukuhlala ephatheke kabi. ULaconco uthe kubuhlungu ukuxolela umuntu okonile ubelokhu umbona. Uthe izinkinga phakathi kwabo zaqala ngo-2018 emuva kokuthola umntwana.
Uthe uzamile ukukhipha uZuma enhliziyweni yakhe kodwa kwangavuma. Uthe waqale wazitshela ukuthi umatasatasa nezindaba zepolitiki kodwa enakho ukuthi sekungaphela izinyanga eziyisithupha engabheki ukuthi banjani benengane.
"Kusho ukuthi sekuwukuhamba. Sekuwukuphela kwalo. Into enzima kodwa ngiyaziqhenya ngengakwenza. Abantu bakaNkulunkulu, abakholwayo bayakwazi lokhu. Kunzima kodwa kunomvuzo omkhulu ukuxolela umuntu okonile, ulokhu umbona."
Uthe kwagcina kuphoqelekile ukuba ayombona ngonyaka odlule eyombuza ukuthi kwenzekalani ngempela phakathi kwabo kodwa uthe uZuma wavele wangaphendula.
"Ngazibuza imibuzo eminingi. Ngabe kukhona engakwenza okungekuhle..." Uthe kwavele kwathi akakhale kodwa wazibamba izinyembezi ngoba wayengafuni ukukhala phambi kukaZuma. Uthe okumkhathaza kakhulu yingane ehlale imbuza uyise kangangoba nasesikoleni sayo sebeke bambiza, bemcela ukuba atshele uZuma ukuthi ingane iyamdinga ngosuku lwayo lokuzalwa. Uthe akakwazi ukushiya ingane eneminyaka eyisithupha kwaZuma ngenxa yezimo azaziyo zakhona.
Yize ekhuluma kanje uLaconco kodwa umndeni kaZuma bewusukhiphe isexwayiso wasibhekisa kuLaconco ukuba ayeke ukukhuluma ngoZuma kule nkundla yokuxhumana.
Engxoxweni ekhethekile ebiphakathi kweDaily News, okuyiphephandaba elinguzakwabo weSolezwe Ngempelasonto, nomfowabo kaZuma, uKhanya ohlala eNkandla, wadlulisa ukukhathazeka ngokuvela kwezindaba zomnewabo esidlangalaleni.
"Akuyona into elungile kunoma wubani ukudalulela umhlaba izimfihlo zakho zasekameleni. Kufanele ayeke lokhu akwenzayo. Ngikhuluma njengomfowabo (kaZuma). Angikuthandi (uLaconco) akwenzayo."
UKhanya uthe izenzo zikaLaconco zithunaza isithunzi somndeni futhi ziqeda ukuthembeka nokuhloniphana okufanele kube phakathi kwabantu abake bathandana. Uthe uyaqonda ngokuphatheka kabi nokulimala kwemizwa kodwa kwesinye isikhathi kusemqoka ukuthi sihloniphe ingasese lomunye.
"Lokhu akuhlangene nemuva kodwa kumayelana nokuvikela isithunzi sazo zonke izinhlangothi ezithintekayo, ikakhulukazi izingane."
UKhanya uthe umnewabo uzama ngayo yonke indlela ukunqanda ukuputshuka kwezindaba zakhe. "Angisho ukuthi akumele akhulume ngezindaba zakhe zezothando kodwa kufanele kube nendlela enenhlonipho ezibekwa ngayo. Awukwazi ukutshela umhlaba wonke ngezindaba zakho zasembhedeni."