UMCULI waseVerulam, eThekwini, uSinenhlanhla “Nana Atta” Mthembu, uthi yize esenesikhathi esemculweni kodwa umculo we-house asengene kuwo manje yiwo osuqala ukumgqamisa ebantwini.
UNana uzwakala ezingomeni eziningi ze-house ezishisa izikhotha okubalwa kuzo i-Osama kaZakes Bantwini noKasango neMali kaKaryendasoul noZakes.
Usayine enkampanini kaZakes iMayonie Agency ngemuva kokushiya e-Universal Music.
“Ngangisayine e-Universal njengomculi iminyaka. Akusebenzanga ngendlela engangifuna ngayo ngase ngiqala ngisebenza noZakes. IMayonie isebenzisana ne-Universal futhi sihlale sihleka ukuthi ngangikhona kodwa bengazi ukuthi benzeni ngami. Kuyisifundo kodwa kithi sonke,” kusho uNana.
Uthe impumelelo yezingoma apikwe kuzo imenze wabona ukuthi naye kumele athi ukuma ekuculeni iRnB kodwa enze i-house.
“Sengibhale izingoma eziningi kodwa i-house yiyo ebonakala ichuma. Ekuqaleni bengingayinakile kodwa ukubona impumelelo sekungenze ngagqugquzeleka.
“Sengiyawuthanda lo mculo we-Afro House ne-Afro Tech. Sengenze umculo isikhathi eside futhi ngiyayithanda iRnB nezinye izinhlobo zomculo engake ngazenza kodwa bengidinga into ezongisebenzela, ezongigqamisa kubantu ukuze ngiphumelele. Angiyiyekile iRnB, ngisengabuyela kuyo,” kuchaza uNana.
Ngeledlule ukhiphe i-Extended Play (EP) yakhe ethi Emakhosini enezingoma ezinhlanu.
Uthe kuyo uhlanganise umculo aziwa ngawo onesigqi se-house.
“Ushintsho angiluhlelanga kodwa lwenzeke ngesikhathi sengipikwa ngabanye abaculi ngagcina senginothando. Ekuqaleni konyaka ngithathe isinqumo sokwenza i-EP. Ngenze izingoma ezimbili ngoJanuwari ngase ngenza nezinye.
“I-albhamu ephelele isezinhlelweni kodwa asikakabi nalo usuku oluqondile, sekungaba wunyaka ozayo.”
Uveze ukuthi kusasa ulibhekisa eGhana lapho eyohlanganyela khona namanye amaciko ukuyobhala izingoma.
“Ukubhala umculo yiyona nto engimandla kuyo. Bengenza izinguyazana lapho sibhala khona umculo. NgoMeyi kukhona esiyenzile kunabesifazane kuphela.
“Siqasha indlu bese siyihlukanisa amagumbi siwenze izitudiyo zomculo ohlukene. Umuntu ubhala lapho emandla khona kodwa uma uthi uyadlula uzwa ngathi kukhona ongakwengeza uyangena.”