UMLINGISI waseSikhawini, eMpangeni, uThandeka Qwabe, uthi ukuphela komdlalo umlingisi asuke ewusebenzela, akumele kumlahlise ithemba ngoba maningi amanye amathuba angavuleka.
UThandeka usanda kubonakala emdlalweni Isifiso, obukhojiswa kuMzansi Magic ngeSonto kanti uqale ukubonakala emdlalweni Uzalo ngeledlule, uthi ukuphela komdlalo Isibaya ayeseligise kuwo isikhathi, kuke kwaba nzima waze wangena emkhakheni wezolimo, okuyinto ayengakaze ayicabange.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ukujabulele ukungena kuZalo ngoba wazama izikhawu ezimbili ukungena kuwo usaqala kodwa akangaphumelela.
“Ngijabule ukuthi ekugcineni ngize ngingene kuZalo, engazama kakhulu lusaqala kodwa ngangalithola ithuba. Izinto zike zaba nzima ngaba novalo ngesikhathi kuphela Isibaya.
“Ngangizibuza ukuthi ngizokwenzani ngingasasebenzi kodwa ukuzalwa emndenini okholwayo, iqhinga ngasheshe ngalithola, imali yonke engangiyibeka ngayithatha ngathola umhlaba ekhaya, ngatshala amaklabishi, impilo yaqhubeka.
“Ngazitshela ukuthi ngeke ngize ngiyeke ukulingisa ngizolithatha ithuba uma liqhamuka ngempela kunjalo namanje,” kusho uThandeka.
Uthe kuZalo, ulingisa indawo kaPhilile owesifazane ophila impilo ephezulu, nowashiya ingane yakhe nowesilisa ayethandana naye owayehlupheka.
“UPhilile wayethandana noPrince (Bhekizizwe Mahlawe) behlala emjondolo KwaMashu, wakhulelwa ingane yomfana uSipho (Ntokozo Mthembu) nowakhetha ukumshiya enezinyana ezine noyise ngoba ehlupheka.
“USipho manje useyamfuna futhi uPhilile akakholwa wukuthi ingane isize yakhula kangaka engayilandi ukuthi azophila nayo la esegane khona manje kwazise useshade isicebi futhi banezingane ezimbili. Into eyenziwa nguPhilile enganeni yimbi kakhulu futhi ababukeli balo mdlalo ngeke bayithandisise le ntokazi,” kusho uThandeka.
Uthe kulo mdlalo ababukeli bazohamba bazibone izizathu eziholele ekutheni ayiphathe kabi ingane uma izama ukuhlangana naye.
"Indlala yinto embi kakhulu, eyenza abantu ikakhulukazi besifazane bathathe izinqumo ezingezinhle. Ngiyathemba abesifazane kukhona abazokubona kule ndawo ikakhulukazi labo asebeke bathatha izinqumo ezingaphusile empilweni.
“Ngiyabonga kakhulu kubaphathi balo mdlalo ngokunginika leli thuba, le ndawo isazoqhubeka nje impela isikhathi,“ kuchaza yena.
UThandeka uthe ubeqala ukulingisa kwiSibaya uxhaso aluthole kubazali bakhe yilona olumbeke la ekhona manje.