UMLINGISI osengusomabhizinisi, uSophie Ndaba, uthi uyazigqaja ngokwehla emzimbeni ngaphambi kokuthi impilo yakhe ibe sengcupheni ngenxa yokukhuluphala ngokweqile.
Lo mlingisi ozakhele igama elingisa indawo kaQueen Moroka kwiGenerations, ubesematheni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokufaka isithombe sakhe noSomizi Mhlongo, ebukeka ehlile kakhulu emzimbeni. Abalandeli bakhe bebengawuvali umlomo ngendlela anciphe ngayo, abanye becela ukuthi abaphe imfihlo yakhe yokwehlisa umzimba.
Ekhuluma kwiMetro FM Fresh Breakfast ngoLwesihlanu uthe ukunciphisa umzimba kuyingxenye yokuqala kabusha impilo nokuphila impilo yokuzinakekela okuthinta ukudla okunempilo, ukuphuza amanzi nokuzivocavoca.
I'm being celebrated & celebrating life on #FreshBreakfast #FamousFreshFridays
A post shared by Sophie Lichaba SophlaEvents(@sophie.ndaba) on Aug 16, 2018 at 10:49pm PDT
“Ngisebenze ngokuzikhandla, ngeke ungabi nemiphumela emihle uma unciphisa umzimba. Ngisebenze ngokuzikhandla kangaka ngoba bengifuna ukuqala impilo yami kabusha, ngiguqule okuningi, kodwa ngaphezu kwalokho bengifuna ukuziphilisa ngendlela enempilo ngoba ngiphile iminyaka eminingi nokukhuluphala ngokweqile (obesity).
Ngicabanga ukuthi eNingizimu Afrika alukaphakanyelwa ngendlela udaba lokukhuluphala kwabantu ngokweqile,” kuchaza yena.
USophie uqhube waveza ukuthi ubesesimeni esibucayi ngokukhuluphala kangangokuba ubesengafa nokufa. Uthe akakugqizi qakala ukuthi abantu bathini ngokuncipha kwakhe.
“Izohluka imibono ngokuncipha kwami abanye bethi ‘usenciphe kakhulu’...akukhona ukuncipha kakhulu kimi, ingami lento,” usho kanje.