UMCULI kamaskandi, uKhuzani Mpungose, uthe kulwelwe kanzima ukuthi umculo kamaskandi ube kuleli zinga okulona manje ngakho ukuzimela kwawo - ungaxutshwa nalutho - kuzowukhulisa kakhulu.
Ukusho lokhu ekhuluma neSolezwe, njengoba ezinkundleni zokuxhumana abanye sebemgxeke bambeka amabala, bethi unomhawu.
Lokhu kulandela inkulumo abe nayo emsakazweni Ukhozi FM, ngoMgqibelo, ohlelweni, uSigiya NgeNgoma, olushayelwa uBingelela Mpanza noTshatha Ngobe.
Kulolu hlelo ubezokhuluma nge-albhamu yakhe ethi Angidlali Nezingane.
Enkulumweni yakhe uKhuzani, uthe ubengazitsheli ukuthi lolu hlobo lomculo seluhambe kangaka njengoba kubonakale izikhulu zebhola, osomabhizinisi, becula izingoma ezehlukene kwi-albhamu yakhe.
“Okwenzeka ezingomeni zami kubulala le nto yokuthi ukuze thina njengomaskanda izingoma zethu zihambe phambili, kumele sipike abanye abaculi bakweminye imikhakha abenza kahle. Lokhu okwenzekayo kuveza ukuthi njengomaskanda siyakwazi ukuzimela singapike mculi omunye, siyakwazi ukunyakazisa izingoma zethu zifike ku-million,” kusho uKhuzani oKhozini.
Le nkulumo kaKhuzani abanye bayibhekise ekutheni ugxeka imbangi yakhe uMthandeni muva nje, okhiphe ingoma noLwa Ndlunkulu noMaWhoo, okungezinye izingoma ezinconywe kakhulu ngenxa yesigqi sazo esithe ukuhluka, kwesijwayelekile kumaskandi.
Ethintwa Isolezwe, uKhuzani uveze ukuthi usamile ekutheni umculo kamaskandi kumele wenze kahle, iciko lizimele lodwa noma lipike abanye abaculi bakamaskandi.
“Lo mculo ula ukhona nje siwulwele kanzima. Ngakho kuyacaca inkulumo yami ayizwakalanga kahle. Ababuyele bayilalele abantu, akukho engizokushintsha kulokhu engikukhulumile.”
Kodwa abantu bakhwele badilika bemsola ngokuba nomona, bathi uKhuzani uke wasebenza nabaculi beminye imikhakha okukhona kubo uJumbo.
UPhila Ngema uthe “UBig zulu umaskanda? UJumbo umaskanda? Ungas@##%$ mbo#^^^$$ we*%$&^.
U-Elsie Sikhosana uthe, “Yazi ngiyanibuka niyajabula inkulumo kaKhuzani ibingalungile oKhozini. Kungani akhulume ngoMthandeni? Yazi uMthandeni akakhulumi ngoKhuzani uma ebizwe emisakazweni”.
Abanye bathe akukho abakuzwayo okuwumona kule nkulumo kaKhuzani.
UPhakamani Nkonka Mncube uthe, “Ngaze ngangayizwa mina into ewumona lana ngoba phela lo muntu ukhuluma ngomsebenzi wakhe ekugcineni futhi uyabancoma abaculi ukuthi bashayile”.
Imizamo yokuthola uMthandeni Manqele odume ngeGcokama, mayelana nale nkulumo ayiphumelelanga njengoba ucingo lakhe belukhala lungabanjwa.
Ngemuva kokuba nale nkulumo oKhozini, uKhuzani unikele eWorkshop, khona eThekwini, lapho ebethula khona i-albhamu yakhe phambi kwezinkumbi zabalandeli.