UKHUZA ibuya emdlalweni wethelevishini iSmoke & Mirrors umculi we-Afro pop, uMnqobi Yazo.
Lezi zindaba zidalulwe wuyena njengoba ethe uzobonakala kulo mdlalo kungekudala.
“Ngike ngalingisa kulo mdlalo usaqala ngabuye ngahamba. Manje ngibuyela kuwona kodwa namanje angizohlala khona ngokugcwele. Inkinga ukuthi ngingumculi ogxile kuwona umculo, angifuni ukuthi kugcine kuphazamiseka abanye abalingisi uma kumele kushuthwe mina ngisematasa nemicimbi engiqashwe kuyona ukuyocula.
“Ukulingisa kuwubizo kumina futhi yiwona umsebenzi engawufundela ngaze ngathweswa iziqu kuwona. Ngihlala ngibuye ngikukhumbule ukulingisa. Uma ngithola umsebenzi kukhona ngike ngicele ukuthi ngingasebenzi ngokugcwele kuyona imidlalo ngenxa yokuthi ngigxile emculweni,” kusho uMnqobi Yazo.
Lo mculi uzoshiyelana inkundla nezinye izinkakha zabaculi kwiSunday Jazz-fusion ezoba seMSC Nelson Mandela Durban Cruise Terminal, emcimbini owendlalela iHollywood Durban Jazz Festival, ezoba ngoJulayi 7.
Phakathi kwabaculi azobe eshiyelana inkundla nabo, kukhona uZonke Dikana, Madala Kunene noTubatsi Mpho Moloi. Uthe okumjabulisa kakhulu ngalo mcimbi bazobe becula bukhoma okuyinto engasajwayelekile emicimbini eminingi.
“Kuyangijabulisa nokuthi ngizoshiyelana inkundla noZonke esesike sasebenza naye njengoba kukhona ingoma angipike kuyona kwi-albhamu yakhe yakamuva. Nobaba uMadala Kunene sesike sasebenza naye. Nginxusa abantu beze ukuzozitika ngomculo njengoba sizobe sishaya into ecokeme,” usho kanje.
Amathikithi aseyatholakala eTicketpro ngo-R550 ajwayelekile no-R1500 awezicukuthwane. Awe-Early Bird aseyatholakala ngo-R400 kuthi awezicukuthwane e-Early Bird angu-R750. Kwajwayelekile kukhona akaPhase 1 abiza u-R550 kube akaPhase 2 abiza u-R700.