ISITESHI somsakazo Ukhozi FM sethule ngokusemthethweni izimbadada ezizotholakala esitolo sezimpahla zokugqoka, iJAM Clothing nasezinkundleni okudayiswa kuzo imfashini.
Umcimbi wokwethulwa kwezimbadada ezibizwa ngoShuni WoKhozi FM, ubungoLwesihlanu, ezindlini zokusakaza.
Phakathi kwabebeyingxenye yomcimbi kubalwa umsunguli wezimbadada uReggie Xaba, abasakazi besiteshi abebeswenke beconsa bedlubhe izimbadada, nosaziwayo beTheku abehlukene.
Kubasakazi abebekhona kubalwa Selby "Selbyonce" Mkhize, Nkosinathi Mshengu, Tshatha Ngobe, Zeal Dladla, Mroza Buthelelezi, Siwe Cele, Siya Mhlongo nabanye.
Phakathi kosaziwayo abebehambele umcimbi bekukhona uThembinkosi Thwala olingisa indawo kaMondli kuZalo, Nombulelo Mhlongo olingisa indawo kaSne kwiDurban Gen nabanye.
USbongi Ngcobo ongumphathi woKhozi FM, uthe kufezeke iphupho abenalo kusukela ngo-2017.
"Sihlezi sibona abalandeli boKhozi sebezithungisele bona izimpahla ezine-logo yomsakazo nobekuveza ngokusobala ukuthi bazigqaja kangakanani ngesiteshi sabo. Ziningi ezinye izimpahla esisezinhlelweni zokuthi sizethule njengoba sizodayisa nezikhwama," kubeka uSbongi.
UReggie wenkampani ekhiqiza izimbadada iZetu, ongomunye wosomabhizinisi abahlonishwayo kuleli, uthe uyazigqaja ngokuba ingxenye yohlelo.
"Sekuphele iminyaka engaphezulu kwengu-30 sidayisa lolu hlobo lwezicathulo eziqhakambisa isintu sethu. Izinga lazo liyafana nezicathulo zeLouis Vuitton," kubeka uReggie.
Abantu abazokwazi ukuthenga izimbadaba abagqoka isicathulo ezingusayizi 3 kuya ku-12. Ezabesifazane zitholakala ngoR340 kuthi ezabesilisa zibe uR350.