KUZOBUNGAZWA amaciko agqamise isifunda uThukela emiklomelweni yokuqala ngqa ezobanjwa kulesi sifunda ngoLwesihlanu.
Imiklomelo ebizwa ngoThukela District Municipality Excellence Awards, izoba se-Indoor Sports Centre, eMnambithi, kusuka ngo-10 ekuseni.
IMeya kaMasipala Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala iyichaze njengomcimbi obalulekile wokuhlonipha abenza kahle emikhakheni eyahlukene nokunomthelela omuhle esifundeni.
Abazohlonishwa kubalwa kubo iqembu eliqala umjikelezo wezinyanga ezimbili phesheya e-United States of America naseCanada, iLadysmith Black Mambazo. IMambazo ivula umjikelezo wayo eNew Hampshire ngoLwesihlanu.
Abanye ngoSjava, Big Zulu, Xowla, Thobekile, Abafana BeNkokhelo, Menzi Mabizela, Blaq Diamond noZizi.
Kwezemidlalo kuzohlonishwa umgijimi obuya kuma-Olympic, uZakithi Nene, odabuka eMnambithi.
"Inhloso yemiklomelo ukuhlonipha abenza kahle, izikole, othisha, amabhizinisi, izinhlangano namaciko esifundeni."
Abanye abazohlonishwa ngabafundi abenze kahle ku-matric ngonyaka odlule futhi kulindeleke ukuthi abafundi kube nosizo lwemali abalutholayo.
Kulindeleke ukuthi isikhulumi sosuku kube wuSanele Zondo oyilungu lekomiti leMfundo ePhakeme ePhalamende likazwelonke.