KUBOSHELWE osomahlaya abaningi emicimbini ewuchungechunge yamahlaya iJustice Kubheka Comedy Nights.
Ngemva kokunyamalala iminyaka emithathu iJustice Kubheka Comedy Nights ikhuza ibuya emuva kweminyaka emithathu imile ngenxa yokuphazanyiswa ukuqubuka kweCovid-19 kuleli.
Umgqugquzeli walolu chungechunge lwamahlaya uJustice "Indoda kaZama" Kubheka, uthe imicimbi yakhe ibuye ngezinkani futhi ibophele osomahlaya abanohlonze bodwa.
"NgoNovemba 24 ngizokwenza umcimbi wamahlaya oLundi, endaweni ebizwa ngeMingling Den Restaurant bese kuthi ngoDisemba 3, ube seSprytz Lounge, eMgungundlovu.
“NgoDisemba 6, ngizoba nomunye umcimbi eNeighborhood Shisanyama, eRichards Bay."
Uthe phakathi kosomahlaya azobe ehla enyuka nabo kukhona uNonto R, osanda kuwina izindondo ezintathu kumaSavanna Comic's Choice Awards, uNdlebe odume ngelikaKapteni osezakhele udumo ngezinkulumo ezakhayo ohlelweni lukaTshatha noSelbeyonce Mkhize kuKhozi FM, uGab noMasaladi asebedume ngokuhlekisa abalaleli ohlelweni lukaSgqemeza noMroza oKhozini ekuseni. Ukhona uTsoro othole indondo yeSatma ngokuhlekisa, noMaster osezakhele udumo emahlayeni.
Ebuzwa ukuthi uzenzani iziqu zokukhanda ugesi asanda kuzithola eDurban University of Technology, uthe usawuthungatha imisebenzi.
"Yebo, ngiyawufisa umsebenzi wokwenza ugesi kodwa angikwazi ukuhlala njengoba ngisathumela amaCV ezinkampanini eziningi. Uma ngibizwa ngobaphathela amahlaya khona bezohleka bangiqashe, bakhohlwe yindaba ye-interview."
Esephetha uJustice unxuse bonke abafuna ulwazi oluthe thuthu ngeJustice Kubheka Comedy Nights ukuba bangene emakhasini akhe asezinkundleni zokuxhumana.