Owayengumdlali weBafana Bafana neKaizer Chiefs uJunior Khanye useveze ukuthi kuningi amaciko, abadlali bebhola kanye nentsha emphakathini abazokufunda ohlelweni olusungulwe nguye iFixing the Game: Junior Khanye eqale kuMzansi Wethu ngoJulayi 14.
UJunior uqale ukubonakala ethula lolu hlelo ngo-8 ebusuku.
Kuzobonakala abadlali bebhola bekhuluma ngempilo yabo nokuthi badlule kuziphi izimo.
Uthe uyambonga uNkulunkulu ngokumupha ithuba lesibili empilweni njengoba evuke wazithatha yize impilo ike yaba nzima.
“Noma inkontileka ingivimba ekutheni yini kahle kahle ezokwenzeka ohlelweni kodwa ngingasho ukuthi kuzobonakala abantu abahlukene bechaza ngokuthi impilo ibe yinhle futhi yaba nzima kanjani besathola amathuba abavulekela kwaze kwaba ayaphela. Kulolu hlelo baningi abazofunda ukuthi uma izimo zisakuhambela kahle yini okumele uyenze. Bazophinda babone ukuthi uma kwenzeka impilo ikushaya kumele uvuke uzithathe, bese umbonga uNkulunkulu uma ekunike elinye ithuba nokumele ulisebenzise kahle,” kuchaza yena.
Uthe usebenzise abadlali bebhola kakhulu ngoba esondelene nalokhu ababhekana nakho naye adlule kukho.
“Abadlali kuzoba khona abadumile nabanye abangadumanga kodwa izinto ezahamba kahle empilweni yabo. Ngijabule ngalolu hlelo ngoba luzosiza kakhulu. Mina ngidlule kokuningi kodwa kuthe sekuvela okunye ngalithatha ngezandla zombili lelo thuba. Bheka manje ngikuphi, impilo isingcono. Ngiyabonga kuMandla N onginike ithuba lokubuyela ekulingiseni ngoba ngike ngabonakala komunye wemidlalo yakhe. Ngiyabonga kwabeDiski TV esengisebenza njengenxusa labo, ngizobuyisa ithemba le mpilo,” kuchaza yena.
Uthe abantu abasha abasazimisele ukungena emkhakheni wokulingisa, umculo nokuba abadlali bebhola kumele nakanjani balubuke lolu hlelo.