UMCULI wokholo uJumbo uthi ukungafezeki kwephupho lakhe lokucula nozakwabo ayebukela kuye ongasekho uSfiso Ncwane, yikho okumenze wenza kabusha enye yezingoma zakhe.
UJumbo wenze kabusha ingoma kaSfiso, owashona ngo-2016, ethi Ngipholise. Upike kuyo uNathi Mankayi neQwabe Twins.
Le ngoma izoba kwi-albhamu yakhe ethi Sibonga Umusa, ezophuma kusasa.
“Ngibone sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili kwashona ubhuti uSfiso, ngabona kubalulekile ukuthi ngiyithinte ingoma yakhe noma ngabe iyiphi ngikhumbuze abalandeli bakhe. Umkakhe usisi u-Ayanda, wahlangana ne-vidiyo ngiyicula emngcwabeni kaMampintsha, wangikhuthaza futhi wangikhulula ukuthi ngiyenze. Nezingane nazo zangikhulula zathi zingajabula uma ngingaphinde ngiyenze ngoba ithinta imiphefumulo yabantu ngenye indlela,” kuchaza uJumbo.
Lo mculi ongakufihli ukuthi wayebukela kuSfiso, uthe wayenesifiso sokucula naye kodwa akwangenzeka ngenxa yokuthathwa wukugula emhlabeni.
UJumbo uthe i-albhamu yakhe inezingoma ezingu-20. Kuyona upike abaculi abahlukene okubalwa uThinah Zungu, Mpumi Mtsweni, Siyoni Thabethe, noLungelo Hlongwane.
“Yi-albhamu yami yesihlanu lena futhi iphethe izigqi ezahlukene. Kukhona amaKhatholika, AmaWeseli namaKristu. Ngenze isiqiniseko sokuthi ngiyabhalansisa ukuze izokwamukeleka kuwona wonke umuntu omusha nabadala. Kungani ngikhipha ngomhlaka 1? Yingoba abantu basuke benomoya wokuqala kabusha. Ngiyabakhuthazza ngoJesu ukuze abantu bayiqale kahle indlela Naye,” kuchaza uJumbo.
Uqhube wathi abantu bawubheke ngabomvu umsebenzi omusha uma ebheka indlela abawathakasela ngayo amazwibela awafaka ezinkundleni zokuxhumana.
Uveze ukuthi uhlela ukuhambela izindawo ezahlukene uma isiphumile enze khona amakhonsathi.
“Izindawo ezifana nakoNewcastle, uLundi, Ladysmith nakoBergville akujwayelekile ukuthi kube namakhonsathi omculo wokholo futhi yizona zindawo engifuna ukuzihambela. Ngifuna nokuphumela nakwezinye izifundazwe ngoba uJumbo owazo zonke izifundazwe. Ngizimisele ngokuthi wonke umuntu ozithokozise ngomculo kaJumbo, angibone ngicula bukhoma. Ngifuna ukuba nekhonsathi labukhoma ngoba angikaze ngiyenze. Uma uNkulunkulu engangibusisa ngokuthi ngicule izingoma zami kabusha bukhoma, siziqophele umabonakude ngingajabula. Ngisangqongqoza eziphathimandleni.”