UMCULI wokholo uLwando Nyangiwe odume ngelikaJumbo, uthi kuningi akubungaza ngomcimbi ozoba namhlanje eMzimkhulu.
Abantu abakhelene nendawo bazojabulela abaculi abahlukene abazonandisa emcimbini ohlelwe nguJumbo, iSong of the Year Celebration, Wena Nkosi Uyazi.
Lo mcimbi uzoba e-Ibis Sports Ground, khona eMzimkhulu, futhi kuzobe kungenwa mahhala.
Ekhuluma neSolezwe uthe, abantu abazohambela lo mcimbi bazofike bezwe ukuthi yini ayibungaza ngawo.
“Ingoma le ethi Wena Nkosi Uyazi yenze izinto ezimangalisayo ngakho ngikhethe ukuthi ngibungaze impumelelo yayo. Abantu bangaboni sengathi ngibungaza ukuthi bekumele ngiwine kulo mcintiswano woKhozi FM, cha awuhlangene nalokho lo mcimbi njengoba ekhona umuntu odle umhlanganiso, mina nje abantu abayofika kulo mcimbi ngizobatshela ukuthi le ngoma ikuphi ekwenzile empilweni yami ngize ngithathe isinqumo sokuthi ngenze umcimbi ongaka ngayo,” kusho uJumbo.
Uthe abantu bafike ngobuningi kulo mcimbi ozoqala ngehora lesine ntambama.
Kubaculi abazobe bekhona kubalwa uDJ Tira, Thinah Zungu, Dumi Mkokstad, Khuzani, Ntencane, Intaba YaseDubai, DJ Happygal, Dladla Mshunqisi nabanye.
UJumbo uveze ukuthi abaculi bendawo nabo bazothola ithuba lokuveza ithalente labo amahora amabili, ngaphambi kokuthi kungene abaculi abadumile.