UHLELE ukuqhubeka nokuhlonipha iwele lakhe ngezingoma azozikhipha yize selenda, uSakhile Biyela, oyingxenye yohlelo Imboni Yamatekisi, kuMzansi Magic (161) njalo ngoLwesithathu.
USakhile uthe iwele lakhe, uThabani, liyingxenye yengoma ezophuma ngoDisemba 9, ethi Pho Kunani.
Uthi yize eseyedwa kodwa uzoqhubeka akhiphe izingoma ngaphansi kwegama abaziqamba lona bengena emculweni ngo-2014, amaGrootman.
“Ziningi izingoma esizenze newele lami, lisadla anhlamvana. Ngakho ngikhethe ukuzikhipha ngenxa yokuthi sesifikile isikhathi sokuthi abantu bazizwe futhi nami yiyona indlela le yokumhlonipha. Le ngoma inesigqi seDurban kwaito njengoba lolu hlobo lomculo ngingomunye wamaciko akholelwa ekutheni lungapheli. Kodwa uhlobo lomculo engiwuthandayo yi-Afrohouse nezingoma zethu eziningi eziyilona lolu hlobo. Le ngoma sikhethe ukuyikhipha ngalesi sikhathi sonyaka njengoba izohambisana kahle namaholidi kaKhisimusi, abantu abayeke ukunaka abanye. Umuntu akenze akuthandayo, kungabuzwanwa mibuzo,” kusho uSakhile.
Uthe kule ngoma usebenze nabantu okukhona kubo uBhar, Dr Zehny noKokorosh.
“Noma sengingedwa ngeke ngize ngiwuyeke umculo. Besihlele okuningi newele lami njengoba sinanezimpahla zokugqoka, sisemkhakheni wamatekisi, sinanesitebela somculo, iQhude Music.
“Umculo siwuqale kudala ngaphansi kwenkampani iBula Music, nala sasisebenza khona nomfana kaBhekumuzi Luthuli futhi safunda okuningi kubaculi ababekhona ngaleso sikhathi,” kusho yena.
Uthe abantu abazohambela umcimbi, iGoduka Music Festival eMlaza, ngoMgqibelo eKing Zwelithini, bazoba ngabokuqala ukuzwa le ngoma.