INKAKHA ebhale imidlalo kuleli uDuma Ndlovu ithe njengoba kulo nyaka ihlanganisa iminyaka engu-70, isihlela ukuthi khumu ekukhiqizeni imidlalo yethelevishini.
UDuma ukusho lokhu enkulumeni ekhethekile abe nayo neSolezwe njengoba kulezi zinsuku kubukwa yena uma kuza emidlalweni ekhonjiswa kwithelevishini ikakhulukazi kwaMultichoice.
Le nkampani uDuma uyikhiqizela imidlalo emibili ekhonjiswa kuMzansi Magic (161), iMy Brothers Keeper nomdlalo Umkhokha.
KuMzansi Wethu ukhiqize umdlalo owenza kahle Isibongile and the Dlamini’s.
Kusuka ngoJulayi 14, kuzoqala umdlalo okhiqizwe nguye ozokhonjiswa kuMzansi Magic, othi Queen Modjaji.
Lo mdlalo uzobe ugxile olimini olwaziwa ngesiLobedu nolukhulunywa ngabantu ababephila kudala abaziwa ngaBalobedu.
UDuma uthe ukuzikhandla nokusebenza kanzima yikhona okumbeke lapho ekhona manje futhi akuyona into entsha kuye ukubhekana nemidlalo eminingi kangaka.
“Mina akungithusi njengoba kusuka esikhathini sakudala, miningi imidlalo engangiba yingxenye yayo ngenxa yokuthi ngiyazikhandla. Kulokhu kwenzekile nje ukuthi ngithole ithuba lokukhiqizela isiteshi esisodwa imidlalo ehlukene nokuyinto abaningi ebamangazile ngami,” kusho uDuma.
Uthe ukugxila emidlalweni ekhuluma ngamakhosi aphila kudala nezinye izingqalabutho, yikhona okumele kugxilwe kukho.
“Kube yithuba eliyigqayizivele kimi ukubhala lo mdlalo. Abantu bazobona into yamehlo kulo mdlalo njengoba okokuqala nje ngaphandle kokuxoxa lo mlando kodwa kukhona ulimi lwesiLobedu oluzogqanyiswa kulo mdlalo. Ngesikhathi sisezinhlelweni zokuqala ukuwuqopha uphenyo lwethu lwasiholela ekutheni siye esizweni samaPedi nalapho safika sathola khona abantu abaningi abasalukhuluma kwaba khona nabalingisi abalwaziyo sakwazi ukuqhubeka nomsebenzi,” kuchaza yena.
Uthe okunye aziqhenya ngakho ukusiza intsha esafuna ukufeza amaphupho ayo emkhakheni wokulingisa nebingaziwa.
“Ngisho umlingisi ophambili kulo mdlalo akaziwa uzobe eqala ukubonakala kuwona. Ngakho umsebenzi engiwenze nalo lonke ithimba kuyona yonke imidlalo esengike ngayikhiqiza wenza ngijabule. Kungakho kulo nyaka sengibheka ukuthi sekuseduze ngithathe amakhokho ngiwabeke mgibeni, ngoba sengisebenzile,” kuchaza yena.