KOMASKANDA abasanda kukhipha ama-albhamu amasha, umculi waseQhudeni eNquthu, uFalabo Khuzwayo, ungomunye onezingoma ezihamba phambili njengoba kunconywa ingoma yakhe ethi Inkani Yami.
Uma ungena ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bakamaskandi benza ama-video ahlukene besebenzisa le ngoma.
Ngisho naye uFalabo uthe muva nje lezi zingoma ezintsha zimenze wathola ukuqashwa emicimbini eyahlukene azonandisa kuyo ngoDisemba.
Kodwa uthe injabulo yakhe isheshe ibuye nganeno njengoba kuyiwa emaholidini kaKhisimusi angazi ukuthi inhlalo izofike ibe njani emakhaya ngenxa yokuhlasela kwezimpi.
“Ngiyabonga ngendlela abathandi bakamaskandi nabalandeli bami abayamukele ngayo i-albhamu yami ethi Inyoka Endala. Ingoma ethi Inkani Yami iyona okubukeke beyithakasele kakhulu kodwa uma ngiya kulezi zindawo ezidayisa umculo kukhona nezinye eziza kahle. Ukubona ukuthi amabhinca ayayijwayela le ndlela yamanje yokudayisa umculo kungithokozisile nakho, abaqhubeke baseseke ngokuthenga izingoma zethu. Siya emakhaya manje, ngiphuma endaweni ehlaselwe izimpi, abantu bayafa sishaywa uvalo usuku nosuku ngisho la eGoli. Yize ngijabule ngomculo engiwukhiphile kodwa nale yezimpi ngiyafisa ilungiseke, siyacela uhulumeni ayibheke.”
Uthe umyalezo wengoma ehamba phambili ubhekene kakhulu nokuthi noma usuphumelele empilweni, ubheke izindlela ezihlukene ezikubeke la ukhona.
Uthe usebenze nabaculi okukhona kubo uSne Ntuli waseNkandla ezingomeni ezimbili, uMadoda Ntshingila noThuthani Ndlovu.
Uthe abalandeli bazisebenzise kahle izingoma ngamaholidi, bagweme izimpi kodwa bajabule kuze kufike isikhathi sokuthi babuyele emsebenzini uma kuqala unyaka ozayo.“