INKANTOLO yaseRandburg imdonse ngendlebe owayengumsebenzi weSABC, u-Owen Ndlovu obevele izolo ngemuva kokuthola incwadi emyalela ukuthi avele enkantolo.
Lokhu kulandela icala athweswa lona ngezinkulumo ezingehli kahle ayenzenza ezinkundleni zokuxhumana ngomphathi womsakazi uKhozi FM, uSbongi Ngcobo.
Izolo inkantolo itshele uNdlovu ukuthi ngoFebhuwari 1 waphula umyalelo owawusencwadini ayithola eyayiveza ukuthi angabe esakhuluma lutho ngalo msakazo noSbongi esidlangaleni.
Imantshi iveze ukuthi uNdlovu uzophinde avele enkantolo ngo-Ephreli 23 sekuqhubeka ukuthethwa kwecala.
Imantshi imyalele ukuthi kulindeleke ukuthi aqhubeke nokungakhulumi ngoSbongi nomsakazo esidlangaleni kuze kube uyaphinda uvela enkantolo.
“Abameli bakammangali ngibabuzile ukuthi kwenzeke kanjani njengoba uNdlovu usewuphulile umyalelo wenkantolo nokukhona incwadi emyalela ukuthi aboshwe ngoba usephule umthetho.
Kodwa baqhamuke nomyalelo othi ikhasimende labo alifuni uNdlovu aboshwe ngokungalaleli ayekutsheliwe kodwa uma kuke kwaphinda kwenzeka isigameko esifana nalesi osenzile, kuyophoqa ukuthi inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi uboshwe njengoba izinkulumo ozikhulumayo la enkantolo kuvela ukuthi azilona iqiniso futhi zehlisa isithunzi,” kuchaza imantshi.
Isolezwe yilona elabika ngodaba lokuthola incwadi ngoJanuwari.
Encwadini uyalelwa ukuthi angalokothi asabise ummangali.
“Ungenzi izitatimende ezingamanga noma ugxibhe ummangali. Ungafaki imiyalezo, amavidiyo noma yini ezinkundleni zokuxhumana,” kusho incwadi.
Umbango kaNdlovu noNgcobo usuka emncintiswaweni owawenziwa ngu-Owen obizwa ngeSABC Summer Song of the Year owawuba seziteshini zale nhlangano ngoDisemba. I-SABC yathi inkontileka yayo noNdlovu yaphela ngo-2019.
NgoDisemba nyakenye uqophe ividiyo wayifaka kwiFacebook lapho enze khona izinsolo okukhona kuzo ukuthi uNgcobo watshontsha imali yokuvotela ingoma ehlukanisa unyaka ngo-2017, walahla amavoti alinganiselwa ku-18 000.
Kwenzeka lokhu iSABC ivale uNdlovu ukuthi asebenzise uphawu lwayo.
Lokhu kuza emva kokuthi u-Owen Ndlovu efake isithombe esinophawu lweSABC ekhasini lakhe leFacebook, wathi iSABC Summer Song iyabuya njengoba kungu-2024.