KUHELEZE umoya wokuthula noxolo kuhlangana uDJ Tira nomengameli wamabhinca, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, kwiHouse Warming Party, ebiseShelley Beach, ePort Shepstone ngoMgqibelo. Ubufakazi balokho ukubonakala kwabo bexhawulana futhi bemamathekelana, kumnandi kunjeya ngesikhathi bebonana esteji. Nangesikhathi uTira esesteji, ubelokhu ebize njalo igama likaNgizwe ethi abantu abalokhu bethi "Ngizwe, we wanna party!"
Phela uDJ Tira wagcina eshiye engalazi kuNgizwe ngesikhathi behlangana kwiNkosinathi Mcabangelwa Cele Soccer Tournament eyayiseShabeni, eZingolweni ngoJuni. UTira waze wanqaba ukuxhawulana noNgizwe ngisho umhleli womcimbi, uNkosinathi Cele, ebahlanganisa. Washaya phansi ngonyawo uTira, ethi akakwazi ukukhulumisana noNgizwe ngoba usadinwe yinkulumo ayenza ngaye. Ama-video abo asabalala ezinkundleni zokuxhumana. UTira wayethi ufuna uNgizwe , azehlise, axolise ngokumdelela nokubiza utshwala bakhe ngomchamo kwividiyo ayishicilele esebenzisa inkundla yokuxhumana uTik-Tok.
Sebendawonye kuphela lo mcimbi, uTira wale waphetha ukushutha noNgizwe, ethi usamdinelwe.
UNgizwe wabonakala kwividiyo ebiza isiphuzo esinotshwala sika-DJ Tira iMakoya Bearings ngomchamo, waphinde wamsola ngokuvalela amanye amaciko ngaphandle.
Le ngwazi engumsunguli weqembu iBig Nuz nabanye abaculi abashisa izikhotha endimeni yomculo weGqom neKwaito, yathi noma imdinelwe uNgizwe kodwa izimisele ngokumxolela uma nje uNgizwe engazehlisa ezoshweleza kuyona.
“Yimina yini owasukela uNgizwe? Nguyena owangisukela ngizithulele ngiziphushela ibhizinisi lami. Into eyangenza ngakhuluma esteji wukuthi wenza sengathi konke kuhamba kahle phakathi kwethu, ekubeni azi kahle ukuthi wangisukela engichapha ngezinhlamba koTik Tok kodwa manje uma sesibonana usefuna ukuzoshutha nami.
“Angisiyona indoda enonya mina, ngingumuntu ophila nawo wonke umuntu. Uyabona uma engazehlisa azoxolisa kimi, ngiyomxolela ngenhliziyo emhlophe. Mina ngihleka nawo wonke umuntu kodwa futhi angithandi ukuthathwa ngenye indlela,” kuchaza uTira.
Umhleli walo mcimbi uCele, wathi kuzomele baluxazulule lolu daba lwabo ngoba bangamaciko akhonzwe kakhulu KwaZulu-Natal.
KwiHouse Warming Party bese kushabalele konke lokho okwamazolo ebona ilanga. UCele uthe ukujabulele kakhulu ukubona labo saziwayo bejabulelana ngoba kwakuyisifiso sakhe lesi. Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNgizwe noTira ayiphumelelanga.
Abanye abanandise kulo mcimbi ngoTNS, Kay Music noDanger weBig NUZ.