UMLINGISI waseMlaza kwaF, uTsepo Doncabe (17), uthi kumdalele izinkinga ukungena emkhakheni wokulingisa okuyiphupho lakhe, njengoba egcine exoshwe nasesikoleni.
UTsepo owenza u-matric, eMafumbuka High, eMlaza, uthi esikoleni othisha bebemtshela ukuthi ayishiye phansi into yokungena emkhakheni wokulingisa ngoba bethi angeke imenzele lutho.
Ekhuluma neSolezwe, uveze ukuthi ebuya koqopha kumdlalo uShaka-Ilembe, ufike wathola ukuthi usexoshiwe esikoleni ngoba eselove isikhathi esingangenyanga. Uthe kuze kwangenelela abaphathi bomdlalo ukuze isikole sibuyekeze isinqumo sokumxosha wagcina ebuyiselwe esikoleni.
“Ukulingisa ngikuthanda ngendlela yokuthi ngiqale ukuba umlingisi wasesiteji ngimncane, njengoba manje sengila ngikhona. Isikole engikuso manje ngiyafisa ukuthi kube ngesinye sezifundisa umkhakha wokulingisa nobuciko ukuze abafundi abafuna ukungena kuwo bakhululeke.
“Kube nzima kakhulu kimi ngithola indawo emdlalweni uShaka-Ilembe, njengoba kuphoqe ukuthi ngike ngimise kancane isikole ukuze ngihambe ngiyoqopha ngabuye ngaba nenkinga esikoleni.
Uthe njengoba kukhona izinto ezingavumelekile esikoleni njengezinwele eziyisihluthu, ubenenkinga ngoba indawo abeyidlala ibidinga ukuthi abenesihluthu.
“Inkinga iqale nje endleleni akade ngibukeka ngayo nginezinwele ezinkulu, esikoleni akade bengazifuni bethi angizigunde kodwa ngibachazela ukuthi ngiyaqopha, bengakuzwa konke lokho.
“Ukuhamba isikhathi eside ngingabobakali nakho kudale izinkinga njengoba sengiqedile sengibuya, bebengixosha bethi angisadingeki. Nakhona ngachaza ukuthi bengenzani, kwaphoqa ukuthi kusuke abanikazi bomdlalo bezochaza ukuthi bengenzani,” kusho uTsepo.
Kodwa yize ebhekane nezingqinamba esikoleni kodwa uTsepo uthe kuyamphoqa ukuthi aphase u-matric wakhe ukuze aqhubeke nalo mkhakha ngempumelelo.
“Ukuba kule midlalo engikuyo manje Uzalo lapho ngilingisa khona indawo kaNkazimulo nakuShaka-Ilembe lapho ngilingisa khona indawo kaSoshangane, kimi kubuye kungakholakali. Kodwa ngiyambonga kakhulu uWiseman Mncube obe nesandla ekutheni ngibonakale kuyona yomibili le midlalo.
“Ngiyabonga futhi nakwabanye abalingisi abafana no-Abdul Khoza, Thembinkosi Mthembu engilingise nabo kahle kakhulu bengisiza kulo mdlalo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi uke wahlabana ngezindondo ezahlukene emcimbini Isigcawu Theatre Festival.
Uthe ukulingisa yinto azimisele ukuqhubeka nayo njengoba engeke esabheka emuva.